Kushone abantu abahlanu kwaboshwa abawu-40 kusuka ingxabano ebandleni eliseGauteng i-International Pentecost Holiness Church eZuurbekom, entshonalanga yeGoli.
Amaphoyisa akulesi sifundazwe athe uma efika endaweni yesehlakalo, bese kuvele kunabahlanu abashonile, okusolwa ukuthi bashisiwe besemotweni, isisulu sesihlanu sona okuwunogada, udutshulwe wafa ethi uzama ukuxazulula ingxabano ebikhona.
UKhomishana wamaPhoyisa ezweni lonke, uGeneral Khehla John Sitole uyena okhiphe isitatimende ngalolu daba.
"Kwababoshiwe kubalwa amaphoyisa eSAPS, SANDF, JMPD naboMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo.
UGeneral Sitole wengeze ngokuthi kulesi sigameko kutholakale nezibhamu eziwu-34 okubalwa kuzo izibhamu eziyizinhlokohlela eziwu-16 ezinkulu eziw-13 nezibhamu zazandla.
"Indawo okwenzeke kuyo esehlakalo isasetshenzwa. Sisazokhishwa isibalo sabantu ababoshiwe njengoba abophiko iSpecial Task Force, Tactical Reponse Team neVisible Policing besekhona endaweni yesehlakalo ukuqoqa ubufakazi".
Lamaphoyisa akwazile nokukhulula abesifazane nezingane okuthiwa bebehlala kule ndawo yaleli bandla bethunjiwe.
USitole usejube ithimba elisezingeni lesifundazwe ukuthi lisheshise uphenyo ngalesi sehlakalo esikhathini esingamahora awu-72.
Isithombe: SAPS
NgoNovemba 2018, kwake kwaba khona ukudubulana kulona leli bandla iPentecost Holiness Church okwadlula nemiphefumulo yabantu abathathu ekomkhulu laleli bandla.
Ingxabano kuvela ukuthi yayisuswe abaholi baleli bandla okungumsunguli walo uComforter Glayton Modise owashona ngo2016.
Ngesikhathi sokuloba, okhulumela amaphoyisa uCaptain Mavela Masondo, uthe kunezinsolo zokuthi kuneqembu elivele langena ngendlovuyangena ngenhloso yokuyobulala ngaphakathi ebhilidini laleli bandla.
"Abebengaphakathi bathe uma bebona leli qulu, nabo bavuka umbhejazane kwaba khona ukudubulala nokuhlokolozana ngezimoto,"kusho uMasondo.
Kulimale nezinye izimoto eziwu-13 kulesi sidumo.
UMasondo uthe bekukhona nokujikijelana ngamatshe kulesi sehlakalo.