UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal uphenya ngezinsolo zokunyamalala kukaR70 000 esikoleni eMthunzini okuthiwa wakhishwa wuthishanhloko namalungu esigungu sabazali esesiphumile.
Kuthiwa abazali baseZenzele-Mashimane Secondary bayavutha, basola uthishanhloko ngokusebenzisa amalungu esigungu esidala sabazali ekukhipheni imali. Ngokuthola kwephephandaba kuthiwa imali yakhishwa ngo-Agasti 8 kwi-akhawunti yesikole kukhona nothishanhloko. Abazali abakhathazekile babikele amahhovisi omyango esifundeni ukuze kuphenywe.
UMqondisi woMnyango esifundeni iKing Cetshwayo, uMnuz David Chonco, ukuqinisekisile ukuthi bayaphenya emuva kokubikelwa ngodaba.
“Ngathola umbiko ngezinsolo, ngamshayela nothishanhloko ngimbuza ngazo. Ngithole ukuthi imali yakhishelwa ukuthenga amadeski kodwa abanye abanelisekile ngendlela okwenzeke ngayo. Sekujutshwe abahloli abazophenya kahle,” kusho uChonco.
Kuthiwa isigungu esidala size sakhishwa ngokusemthethweni ngo-Agasti 22 kodwa amalungu amasha akhethwa ngoMashi kuzo zonke izikole. Kusolwa ukuthi ukungakhishwa kwamalungu amadala esigungu sabazali bekwenzelwa ukuthi aqhubeke nokukhipha imali yesikole.
Omunye wemithombo esondelene nodaba uthe kuyaxaka ukuthi kungakhishwa imali engaka yesikole ngosuku olulodwa. Uthe ngokwazi kwakhe akumele kukhishwe imali engaphezu kukaR3 000 ngosuku futhi abakhokhelwayo kumele bakhokhelwe ngamasheke. Usola ukuthi udaba lokuthengwa kwamadeski selwakhiwe ukuze kuvikelwe abasolwayo.
Kuthintwa uSihlalo wesigungu esidala, uMnuz Walter Dube, uvumile ukuthi wayekhona kuyokhishwa imali. Uphikile ukuthi inyamalele kodwa wathi kwathengwa amadeski kwakhokhelwa nabanye osomabhizinisi.
Usole abathize abafuna ukukhipha uthishanhloko esikhundleni behlise nesithunzi sakhe. Akakwazanga ukuphendula uma ebuzwa ngokungasheshi kwabo ukuphuma ezikhundleni. Ukhale nangezikweletu athe zikhungethe isikole.
“Imali yakhishwa ngosuku olulodwa nabantu bakhokhelwa ngokheshi ngoba babeyijahile imali ngenxa yokuthi kwakuzoba yiholidi ngakusasa. Nabo bakhokhelwa ngokheshi laba abebekweletwa namadeski athengwa ngokheshi,” kusho uDube.