BASOLA amakhansela e-IFP ngokubasasazela ngonogada okuthiwa badubule amalungu omphakathi okulimale kuwo amathathu, emhlanganweni waleli qembu obuseThubalethu, eMthonjaneni (eMelmoth), ngeSonto ntambama.
Kuthiwa kuphoqe ukuthi onogada baqhumise inganono ukuhlakaza isixuku samalungu omphakathi okuthiwa abevuke umbhejazana avala umgwaqo ongenela ehholo obekubanjwe kulo umhlangano. Enye ingxenye yomphakathi isola ubuholi baleli qembu ngokuzama ukubafaka emanzi emadolweni njengoba befuna kubuyiswe ikhansela lakule ndawo elixoshwe yi-IFP.
Kuthiwa umhlangano bewubizwe wubuholi be-IFP esifundeni saseKing Cetshwayo ukucacisa ngalolu daba oseluhlukanise umphakathi phakathi, njengoba kuthe ngesonto eledlule wabhikisha ufuna kubuyiswe wonke amakhansela axoshiwe kubalwa nobeyimeya uMnuz Bonginkosi Biyela.
Elinye ilungu lomphakathi ebeliyingxenye yombhikisho ngesikhathi kudubuleka laba abathathu elingathandanga ukudalulwa, lisole abaholi be-IFP namakhansela ayekhona ngokutshela onogada ukuthi babadubule ukuze bangakwazi ukuveza ilaka labo.
“Besibhikisha emgwaqweni ngoba sinqatsheliwe ukungena ehholo sekugcwaliswe abantu abebevela kwezinye izindawo. Inkinga iqale ngesikhathi sivalele elinye ilungu lomphakathi ebelifuna ukudlula ngenkani emgwaqweni obuvaliwe, onogada nabaqaphi bamakhansela abebekhona bathola intuba, badubula,” kusho leli lungu.
Umholi we-IFP eMthonjaneni naye ongathandanga ukudalulwa uveze ukuthi amalungu omphakathi kule ndawo ahlukene phakathi.
“Ngesonto eledlule, bekunombhikisho lapho umphakathi ubufuna ukucaciselwa ngokuxoshwa kwekhansela lawo esigcemeni. Kuhlelwe umhlangano obunawo wonke amakhansela nabaholi be-IFP besifunda ukuze umphakathi unikezwe izimpendulo.
“Inkinga iqale lapho amanye amalungu omphakathi esema izixongololo ngaphandle kwehholo, okuthe uma umhlangano uqala, avala umgwaqo ongena ehholo, ajikijela ngamatshe izimoto zonogada okugcine sekuphoqeka ukuthi badubule ngoba umphakathi obusubahlasela. Amanye amalungu omphakathi abephethe izibhamu,” kusho lo mholi.
Kulo mhlangano kuthiwa bewuhanjelwe yimeya esanda kuqokwa uMnuz Mbangiseni Biyela, yiphini lakhe uMnuz Phumlani Ntombela nawo wonke amakhansela kuMasipala waseMthonjaneni.
Imizamo yokuthola ukuphawula kobuholi besifunda ayiphumelelanga njengoba izingcingo zabo bezikhala zingabanjwa nemiyalezo ingaphendulwa.
Okhulumela lo masipala, uMnuz Thami Shangase, uthe lo mhlangano bewungahleliwe umasipala, wathi udaba lusezandleni zamaphoyisa.
Kuthintwa okhulumela i-IFP kuzwelonke, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe leli qembu lizokhipha isitatimende ngalolu daba namuhla.
Uthuthuva luqale ukubonakala kuxoshwa uBiyela (obeyimeya phambilini) namkhansela amane, kwadaleka uqhekeko kumalunga omphakathi ikakhulu angamalungu e-IFP ephethe lo masipala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe amacala okuzama ukubulala nelokususa uthuthuva emphakathini aphenywa esiteshini samaphoyisa eMelmoth.