Mbali Khanyile
KUSOLWA ukuthi bekudlekile kumshayeli wetekisi edale ingozi ebulale amalungu awu-13 omndeni wakwaMndali ngesikhathi igingqika kade iphuma emcimbini wokukhunyulwa kwenzilo ngoMgqibelo, KwaMashayelani, eKilmun ngaseBulwer.
Kuthiwa itekisi ebidla amagalani beyilayishe abantu abawu-15. Kade iya kofaka uphethroli egaraji eliseduze nalapho obekukade kunomcimbi khona.
Itekisi kuthiwa igingqike yashayeka ematsheni kwaphuma ukhakhayi kwalandela isihlalo sangemuva obekuhleli kuso abantu abane ebachithe endaweni yengozi. Kushone nengane eneminyaka emibili.
Amalungu omphakathi angathandanga ukudalulwa athe bekunamabhodlela otshwala emotweni.
Elinye lamalungu lithe lifike endaweni yengozi isanda kwenzeka lafica abantu abebegibele itekisi belele yonke indawo futhi belimele kanzima.
“Ngifike kunzima, abantu besaphazekile sekushone abawu-11. Abezimo eziphuthumayo besebekhona bezama ukulekelela abebesaphefumula. Okubuhlungu wukuthi sizwa kuthiwa abantu abalimale kule ngozi bebeqisile ophuzweni oludakayo. Kwamshayeli ubalwa kubona labo bantu abebephuza.”
Abantu abebemi izixongololo endaweni yengozi bathe amabhodlela otshwala namakesi abesetekisini akhomba ukuthi bekuphuzwa.
Ngesikhathi ithimba leSolezwe lihambele indawo yengozi lifice igobolondo letekisi amawindi alo ephahlazeke ematsheni.
Ukhakhayi nesicabha kuseceleni. Isitulo sangemuva siphonseke eduze komfula iNsongeni. Izicathulo, imali namabhodlela kabhiya esaphazeke phansi eduze kwetekisi.
UNksz Zuziwe Mndali (29) oyilungu lomndeni oshonelwe, uthe ubengakaze ezwe lutho mayelana notshwala okuthiwa bebuphuzwa ngamalungu omndeni wakhe ashone engozini yetekisi.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, uthe uhulumeni uzoqhubeka usebenzisane namalungu omndeni kuze kufike isikhathi sokufihla amalungu abhubhe engozini.
“Uhulumeni uzosebenzisana namalungu ngoba lesi simo siyadinga ukuthi amalungu athole usizo lokwelulekwa ngokwengqondo. Siyathemba ukuthi umnyango oqondene nalo msebenzi uzobasiza,” kusho uDkt Dlamini Zuma.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe umndeni uzokwelapheka ngokuthola usizo nokwesekwa ngendlela efanele nguhulumeni.
“Kumele ezikhathini ezifana nalesi sesekane sonke. Sihlaba ikhwelo nasemphakathini wendawo ekutheni usondele ukuze kulekelelwe umndeni, ukwazi ukuqhubeka nokuphila kulesi simo obhekene naso,” kusho uZikalala.
Sekuqalwe uphenyo ngengozi.
Khonamanjalo eDonnybrook, ngaseMgungundlovu, kufe abantu abane engozini yemoto eyenzeke ngoLwesihlanu ebusuku.
UNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Ntuli, uhambele lo mndeni eyodlulisa amazwi endunduzo.