KUSOLWA umbango wentombi eyinesi, kubulawa ngokudutshulwa owesilisa waseNtunjambili, eKranskop oshone esesibhedlela ngoLwesibili.
UMnuz Mnqobi Ngidi (20) uphuthunyiswe esibhedlela emva kokudutshulwa kaningi ekhanda nasengalweni ngoMsombuluko ebusuku, ekubo egcekeni.
Kuthiwa uNgidi ushayelwe ucingo wumuntu, waphuma waya nocingo emnyango kanti uzohlaselwa khona lapho ngabantu abavele bamthela ngoyaba lwezinhlamvu.
Elandisa Isolezwe unina kamufi, uNkk Nokuthula Dlamini, uthe banezonsolo eziqinile zokuthi indodana yakhe ibulawe yiphoyisa elisebenza esiteshini saseKranskop, okuthiwa ubebanga nalo intombi.
Uthe emva kokushona kwendodana yakhe, intombi imshayele ucingo, ikhala mi izinyembezi ithi iyaxolisa.
“Ithe iyaxolisa, ibingazitsheli ukuthi kuzogcina kuphethe kanje. Ithe iphoyisa belisho nakuyona ukuthi lizoyibulala indodana yami, kangangoba esikhathini esingangesonto esedlule, ithi ilibambe likhuluma nezigebengu ezisatshwayo endaweni. Kwathi uma ilibuza ukuthi lihlanganisani nazo, langundaza,” kusho uNkk Dlamini.
Uveze ukuthi intombi ithe yona ibingasalithandi iphoyisa kodwa, linqaba ukuthi bahlukane.
Umthombo weSolezwe olwaziyo udaba, uveze ukuthi washayelwa ucingo ngumufi ezinyangeni ezintathu ezedlule esosizini.
Umthombo udalule ukuthi umufi wayembikela ukuthi usongelwa ngokubulawa yiphoyisa elathi uma engahlukani nonesi, uzoshona.
“Ngaleso sikhathi umufi washo ukuthi uyathandana nonesi kodwa ziyamkhathaza izinsongo zephoyisa,” kusho umthombo.
Isolezwe lithole nokuthi ngoMgqibelo kunenhlamvu yesibhamu eshiywe phambi komnyango wendlu okudutshulwe khona umufi.
Kuthiwa akuphelanga sikhathi esingakanani wabe eseshayelwa ucingo yiphoyisa elamtshela ukuthi maduzane izinhlamvu zizogcwala emzimbeni wakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe kuvulwe icala lokubulala eliphenywa ngamaphoyisa asesiteshini eKranskop.
UConst Ngcobo uthe kusolakala ukuthi ngoMsombuluko ngo-9 ebusuku, owesilisa ona-22 ubesendaweni yaseNtunjambili ngesikhathi edutshulwa ekhanda nasengalweni yakwesokunxele.
“Uphuthunyiswe esibhedlela lapho efike washona ekhona. Ayaziwa imbangela yalokhu kubulala,” kusho uConst wNgcobo.