Kukhishwe uJimmy Manyi kwafakwa uColleen Makhubele
Image: Isolezwe
USotswebhu weqembu loMkhonto weSizwe (MK), uMzwanele Manyi uxoshiwe esikhundleni sakhe ephalamende.
Lesi simemezelo siqale ukusabalala emaqenjini e-WhatsApp e-MK Party kodwa manje sesiqinisekiswe okhulumela i-MK Party, uMuzi Ntshingila ku-IOL ngokuthi; "iMK Party imfisela okuhle kodwa emizamweni yakhe yesikhathi esizayo.Siyajabula ukumemezela ukuthi uColleen Makhubela uqokwe njengoSotswebhu Omkhulu we-MK Party. Siyaqiniseka ukuthi uzohola ngamandla nangombono njengoba siqhubeka nokuqhubekisela phambili umsebenzi wethu ngokuhlanganyela".
UManyi, owajoyina iqembu ngo-Agasti 2024 ngemuva kokuhlubuka ku-EFF, akamukelekile kalula.
"Ukuzikhukhumeza kwakhe kugcine kumenze wawela phezu kwenkemba yakhe. Uyehluleka ukulalela nokuvikela ikhokhasi yakhe futhi ufuna ukugqama kwabezindaba eyedwa futhi anganiki muntu ithuba,” esinye isikhulu esiphezulu seqembu sitshele i-IOL.
Muva nje, uManyi ukhwele wadilika kuHlope ngemuva kokumcela ukuthi afunde inkulumo yesizwe eyabhalwa ngumsunguli weqembu uJacob Zuma esikhundleni saleyo eyayilungiselelwe uHlope.