IMINWE ikhombe uhulumeni ukuthi akenzi okwanele ukuvikela amaphoyisa emva kokukhishwa kwezibalo ezithi angu-23 amaphoyisa abulawe kuleli kusuka ngoJulayi 1 kwaze kwaba uSepthemba 30 nonyaka.
Izibalo zekota ezethulwe ngoLwesihlanu uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele ziveze ukuthi ayisithupha amaphoyisa asocongwe KwaZulu-Natal ngalesi sikhathi.
Manje izinyunyana zamaphoyisa esifundazweni zithi ukuzithela ngabandayo kukahulumeni ophethe kudalela amaphoyisa inkinga.
Zinxenxa uhulumeni ukuthi asukume, aqhamuke namasu abambekayo azokwethulwa ePhalamende kubhungwe kabanzi ngawo ngenhloso yokukhalima isihlaza sokubulawa kwamaphoyisa.
ISouth African Policing Union (Sapu) ne-Police and Prisons Civil Rights Union (Popcru) bafuna uhulumeni akhulume nemiphakathi ayitshele ukuthi iphoyisa alisona isitha somuntu njengoba kwakwenzeka ngesikhathi sohulumeni wobandlululo.
UNobhala we-Sapu KwaZulu-Natal, uNkk Nurse Mdletshe uthe uMengameli Cyril Ramaphosa benoCele abenzi okwanele ukuvikela amaphoyisa.
“Umengameli ubekade ephuma engena ekhankasela ukhetho ekhuluma nabantu kodwa akukho lapho eke wakhuluma khona ngokuvikelwa kwamaphoyisa. URamaphosa akatshele abantu ukuthi iphoyisa alisona isitha futhi abize ingqungquthela ezobhunga ngamaqhinga angasetshenziswa ukuvikela amaphoyisa,” kusho uNkk Mdletshe.
Usole uCele ukuthi ufike atshele amaphoyisa ukuthi awazivikele uma ehlaselwa, impilo yawo isengcupheni kodwa abenza lokhu bayaxoshwa ekugcineni.
UNkk Mdletshe uthe akakhulumi ngamaphoyisa asoleka ezenzweni zenkohlakalo nasebugebengwini kodwa usho lawa asebenzela umphakathi ngobuqotho
UNksz Nthabeleng Molefe ongunobhala we-Popcru KwaZulu-Natal, uthe ibaphethe kabi eyokubulawa kwamaphoyisa okuzodinga ukuthi kusetshenzwe ngokubambisana ukuze iqedwe, kwakhiwe ubudlelwano nemiphakathi namaphoyisa.
“Inyunyana yethu izosingatha ingqungquthela okuzobhungwa khona ngokubulawa kwamaphoyisa iqhamuke nezindlela ezingasetshenziswa ukuzivikela. Akukho okwenziwa umqashi ekuqhamukeni namaqhinga okunqanda lo mkhuba omubi wokubulawa kwamaphoyisa,” kusho uNksz Molefe.
Unxenxe amaphoyisa ukuthi ahlale eqaphile ngaso sonke isikhathi ngoba lena yimpi ebhekiswe kuwona ekhinyabeza umsebenzi wawo.
Ezibalweni ezikhishwe uCele, bawu-6 163 ababulewe, kwadlwengulwa abangu-9 556, kwasocongwa abalimi abangu-15, kwavulwa amacala angu-72 762 okushaya ngenhloso yokulimaza, awu-52 awokubamba imoto ethwala imali, angu-298 okuthungela ngomlilo, kwathi angu-2 000 kwaba awokuthumba.