UMNDENI wowesilisa waseNingizimu Afrika uyakuphika ukuthi belinodlame ilungu lawo okuthiwa lilwe namaphoyisa agcine elidubulile lashona eHonolulu, eHawaii e-USA ngoLwesithathu ebusuku.
ULindani Myeni (29) odabuka eSikhaleni KwaZulu-Natal umndeni uthi ubenothando futhi ekhaliphile.
Umufi bese kuphele unyaka efudukele e-USA nenkosikazi yakhe emhlophe, uLindsey Myeni nabantwana babo ababili.
Amaphoyisa aseHonolulu athi uMyeni udutshulwe ngemva kokuba nengxabano namaphoyisa amathathu abezombopha ngemva kokubikwa othile njengomuntu obezogqekeza. Azithethelele ngokuthi ayezivikela kowesilisa owayenodlame kuwona.
Umalume kaMyeni, uMnuz Andile Myeni, uthe umshana wakhe ubenothando lwabantu engumdlali we-rugby kamuva ubesanda kubhala kuFacebook ngodlame lwamaphoyisa alubhekise ebantwini abamnyama e-USA.
“Sisola ukuthi ubulawelwe ukuba mnyama. Asikukholwa okushiwo ngaye ukuthi ubelwa namaphoyisa. Ubeke wabhala incwadi echaza ngokwenziwa amaphoyisa uma ebhekene nabantu abamnyama e-USA. Njengamanje abantu abadala emndenini bahlangene babheka indlela ebheke phambili,” kusho uMyeni.
Inkosikazi kamufi, uLindsey, ikhihle isililo yabhala ekhasini kuFacebook ngokuthi bayiphuce inkosi yayo edutshulwe amaphoyisa amahlandla amane.
Ulandise wathi wayenoMyeni nabantwana ngo-7:30 ebusuku wase eyaphuma ngemoto umufi ethi usayopholisa ikhanda ngemva kosuku oluhle lomndeni.
“Ngamfonela ngo-7:52 wathi usendleleni ebuyela ekhaya. Ngo-8:10 amaphoyisa ayesemdubulile. Ungayichaza uyithini into enjena? Kwenzekani emizuzwini engu-18? Ngizothini ezinganeni zami uma sezimkhalela?,” kuchaza uNkk Myeni.
Uthe amaphoyisa amenze umfelokazi eneminyaka engu-29 nezingane ezimbili ezisagqoka amanabukeni.
Umchaze njengomuntu obelungile, enothando futhi ehlakaniphile. Kuleli sonto bekulindeleke abizelwe kwinhlolokhono e-USA mayelana nesicelo sokuthola ubuzwe.
“Kumele basinike ama-video amakhamera azosikhombisa ukuthi kwenzekani. Kungani amaphoyisa amathathu aqeqeshiwe asaba umuntu oyedwa owayengahlomile?” kusho uNkk Myeni.
USihlalo we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Vusi Khoza uthe bashaqekile uma bezwa lezindaba futhi ababoni ukuthi bekunesidingo ukubulawa kukaMyeni.
UKhoza uthe lamaphoyisa ayabandlulula wathi abulale uMyeni ngoba engumuntu omnyama.
“Amaphoyisa ase-USA enza into efanayo nawaseNingizimu Afrika ngokuthi abulale abantu abamnyama abasuke bengahlomile. Umnyango wezobudlelwano namanye amazwe kumele uphoqe uhulumeni wase-USA ukuthi uchaze okuyiyonanto eyenzekile sifuna ubulungiswa ngokubulawa kukaMyeni,” kusho uKhoza.
Umufi ushadelwe isakhamuzi sase-USA ngonyaka odlule babusiswa ngabantwana ababili okungumfana ozohlanganisa iminyaka emibili nentombazane enezinyanga eziyisithupha.
Bahlangana nomkakhe evakashele elakuleli bashadela khona eNingizimu Afrika.
Kunesikhwama iGoFundMe esisungulwe ngoLweshlanu ngenhloso yokuqoqa uR1 million wezindleko zokulethwa kwesidumbu sikaMyeni eNingizimu Afrika, izindleko zomngcwabo nezomthetho.