KUSOLWA umbango womzila ngokubulawa kaMnuz Siphelele Sithole (31) waseNtombe, eTranance Park, obeyimenenja yerenki kule ndawo nodutshulwe ngumlisa ongaziwa, ngoLwesine olwedlule.
Ngokomthombo weSolezwe, impi iqale ngonyaka owedlule ngesikhathi kudutshulwa omunye wosomatekisi abangaphansi kasoseshini waseTranance Park nokunguye owayehamba phambili kusungulwa lo mzila onamatekisi ahambela kule ndawo nasedolobheni, eThekwini. Umufi, uSithole, kubikwa ukuthi nguye obesondelene kakhulu nosomatekisi odutshulwe ngonyaka owedlule nowayesebenzisana naye kuvulwa umzila.
“Ngiyasola ukuthi umufi ubulawelwe ukuba ngumuntu oqondile ngokomsebenzi. Ubehlonipha impela futhi elalela. Kodwa ubengayena umuntu obevumela ukulawulwa yiwo wonke usomatekisi erenki. Siyasola ukuthi enye into emdalele amazinyo abushelelezi wumbuzo aba nawo ngetekisi enezinombolo zaseNdwedwe ejoyine umzila waseTrenance Park. Kusithusile sonke okwenzeka kuleya renki,” kusho umthombo.
Uqhuba umthombo, uthe uyabona ukuthi irenki yaseTranance Park isazokhipha izidumbu eziningi njengoba nenkampani yonogada yamiswa ukuqapha isimo kule renki.
“Imiswa kanjani inkampani yonogada ekutheni ivikele abantu abasebenza eTranance Park ekubeni kunezigigaba eziningi kangaka kulo mzila? Akukho ukuphepha nakubagibeli abasebenzisa le renki. Kubukeka engathi ziseningi izidumbu esizozibona erenki,” kusho umthombo.
UMnuz Zahir Mahomed ongusihlalo kasoseshini waseTrenance Park, uthe ngokwazi kwakhe, alukho udlame olukhona phakathi kwabo njengosomatekisi.
“Ubudlelwano phakathi komzila wethu, owaseNanda kanjalo nowaseMawoti buhle kakhulu. Ngiyasola ukuthi ukushona kwemenenja yerenki yinto eqondene naye ngqo nengathinti umsebenzi wakhe,” kusho usihlalo walo soseshini.
Unxenxe amaphoyisa ukuthi abathungathe aphinde abavalele bonke abantu ababaphazamisayo erenki yabo.
“Zikhona impela nezinye izigameko zokudutshulwa kwabantu erenki. Sesiphila ngokwesaba ngoba amaphoyisa awababambi abasolwa. Okubuhlungu kakhulu wukuthi sizofa ekubeni sithi sizamela imindeni yethu,” kuzikhalela usihlalo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa asaphenya ngelesi sigameko.