UPHITHENE ikhanda owesifazane waseMgungundlovu othi webelwe ingane ngumlisa obeyisoka likamngani wakhe ngoba lithi lifuna babuyelane.
UNksz Lindiswa Khuboni waseSwapo, eMgungundlovu, uthe akasabulali ubuthongo kusuka kunyamalale indodana yakhe u-Andile Malwande Fihla okusolwa ukuthi ithunjwe ngumlisa owayeyisoka likamngani wakhe.
Uthe indodana yakhe beyisendleleni eya esikoleni ngoLwesihlanu emasontweni amabili edlule ngesikhathi lo mlisa eyimisa ethi ufuna inombolo kanina.
Uthe ngokujwayelekile u-Andile uvame ukuthi ahambe nomzala wakhe wentombazane olingana naye uma eya esikoleni uMsilinga Primary, eZinketheni.
“Nangalolu suku ubehamba naye kwase kuqhamuka * %4$#@*& (emgagula ngegama) wabamisa wase ethi ucela u-Andile amnike inombolo yami. Bathe uma bemtshela ukuthi basaphuthuma esikoleni wathi * -Andile akasale, umzala wakhe aqhubeke aye esikoleni uzomfica endleleni kodwa akabange esafika esikoleni,” kusho uNksz Khuboni.
Uthe indodana yakhe ayikaze ibuye ekhaya kusuka kwenzeka lesi sigameko. Ngokusho kwakhe lo mlisa bazama ukumshayela ucingo bekhuluma naye ngoba bethi uzoyibuyisa ingane kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
“Ethintwa uvumile ukuthi ingane ikuyena. Uthe ngeke ayibuyise intombi yakhe ingakabuyelani naye. Ungisole ngokugxambukela ezindabeni zabo wathi yingakho ethathe ingane,” kusho uNksz Khuboni.
Uthe begcina ukumshayela ucingo ubeseluvalile selungena ku-voicemail.
UNksz Khuboni uthe sebeyile lapho obekuhlala khona lo mlisa kodwa kuthiwa akekho khona futhi nezihlobo zakhe zithi azimazi ukuthi ukuphi.
Uthe lolu daba lubikiwe emaphoyiseni kanti ayazama ukumsiza kodwa namanje ingane ayikatholakali.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseMountain Rise avule icala lokuthumba lase lidluliselwa ethimbeni eliphenya ngamacala odlame lwemindeni, ukuvikelwa kwezingane namacala ocansi eMgungundlovu ukuze liphenye.
UCol Mbele uthe kukholakala ukuthi u-Andile wayesendleleni eya esikoleni ngesikhathi ethunjwa.
Unxuse noma ngubani onganolwazi ngokuthi ukuphi nanoma ubani obone lesi sigameko ukuthi athinte umphenyi uDetective Sergeant Ntombela ku-083 939 8853.