KUSALE kunje emijondolo ekuKennedy Road eThekwini, okusolwa ukuxhunywa kukagesi wezinyoka ngokusha kwayo
Image: Sithunyelwe
KUCEKELEKE phansi imijondolo engu-47 kwathi abantu abangu-76, okubalwa nezingane, basala dengwane emva komlilo oshe ubuhanguhangu emijondolo ekuKennedy Road, eThekwini, ngoLwesithathu ebusuku.
Ngokusho kukaMasipala weTheku, ingu-49 imindeni ekhahlamezekile okuphoqeleke ukuba itholelwe indawo yokukhosela ehholo lomphakathi eliseduzane.
Umkhandlu uthe ngokuhlanganyela neminyango kahulumeni, baphezu kwemizamo yokuthola isisombululo sesikhathi eside.
Lishone elayizolo ingekho imibiko yabashonile noma abalimele. Imbangela yomlilo kusolakala ukuthi kube ukuxhunywa kukagesi ngokungemthetho.
UMphathiswa woMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ushayele ihlombe abezicishamlilo namaphoyisa ngokusukuma ngokushesha ukulwa nomlilo nokuqinisekisa ukuthi izakhamuzi ziphuma ziphephile.
Nokho, umnyango uveze ukuthi bangu-70 abantu abahlengiwe.
UButhelezi uthe abakhahlanyezwe umlilo kumele batholelwe usizo lwesikhashana okuhlanganisa ukusekwa ngokushesha nokulekelelwa ukuba bakhe kabusha impilo yabo.
"Imijondolo yakuKennedy Road ngenye yezindawo eziningi esifundazweni lapho umnyango ufake izinsiza ezixwayisa ngomlilo. Yizona lezi ezibambe iqhaza elikhulu ukuhlenga impilo yabantu ngokusheshe zixwayise izakhamuzi ukuze zikwazi ukuphuma ziphephile," kusho uButhelezi.
Related Topics: