KUSOLWA izintambo zikagesi ngokuphahlazeka kwebhanoyi eliqashwe abantu abazimele izolo eKameeldrift ePitoli.
Kulesi sigameko kushone umuntu oyedwa kwalimala abawu-20. Kubantu abalimele kubikwa ukuthi ababili abebehamba ngezinyawo, oyedwa wabo osesimeni esibucayi. Leli bhanoyi belibheke ezweni laseNetherlands.
Abezimo eziphuthumayo babikelwe ngalesi sigameko ngo-4 ntambama, kubikwa ukuthi kuphahlazeke indiza kuMoloto Road, kodwa izimoto zabezimo eziphuthumayo ziphuzile ukufika ngenxa yesiminya-minya emgwaqeni. Kuze kwadingeka ukuthi kufike indiza enophephela emhlane ukuze kuphuthunyiswe abalimele ezibhedlela zasePitoli naseGoli.
Obeseduzane nesigameko ozibonele ngawakhe utshele iPretoria News ukuthi ubone indiza indizela phansi ngaphambi kokuthi uphaphe lwayo lushaye intambo kagesi. Uthe uzwe umsindo omkhulu ngesikhathi leli bhanoyi liphahlazeka phansi.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo eTshwane uMnu Johan Pieterse usiqinisekisile isibalo sabalimele nokushona koyedwa. Izolo ntambama amaphoyisa abesahlaziya indawo yenhlekelele kodwa uPieterse uthe bonke abalimalile bese besusiwe.
Uthe abakwazi ukudalula eminye imininingwane ngale nhlekelele ngoba abeSouth African Civil Aviation Authority basaphenya.