USHAYANA ngamakhanda umndeni wowesilisa wakwaNongidi eMzimkhulu, otholakale ebulewe waphoswa eweni ngeSonto, okusolwa owesifazane ongumzala wakhe nezingane zakhe ezimbili.
Umndeni kaMnuz Mvuyisi Nguse (53), usola umzala kamufi, indodana yakhe nendodakazi. UNkk Zodwa Ngcemu, ongudadewabo kamufi, uthe umfowabo ubebuthanda utshwala kodwa engenalo udlame uma esephuzile. Uthe umzala abamsolayo wakhula kubo kamufi.
Basola ukuthi uNguse wabulawa ngoLwesine ebusuku, omakhelwane abamgcina ngalo.
“Umfowethu ubebanga ubhavu wewashingi nomzala wakhe. Ngenxa yokuthi umfowethu ubephuzile, baxabene bathukana. Sisola ukuthi umfowethu wabuye waphindela kumzala njengoba kubonakala sengathi ubulewe khona,” echaza.
UNkk Ngcemu uthe umfowabo ubebambe itoho lokwakha umgwaqo ngakubo, okuthe uma engabonakali emsebenzini bakhathazeka. Uthe bayile kumsolwa beyobuza ngokuxabana kwabo bebona enyamalele.
“Usitshele ukuthi umfowethu bambilisela amanzi bamshisa ngoba ubelwa nabo. Asikukholwanga lokho ngoba umfowethu ubengenalo udlame uma ephuzile,” kusho uNkk Ngcemu.
NgoLwesihlanu entathakusa uNkk Ngcemu uthe wahlangana ne-ambulensi iphuma kubo kamsolwa, uma eyobuza kwathiwa ibizothatha indodakazi yakhe. Umsolwa uthe indodakazi ilimale ngesikhathi behlaselwa wumufi ngayizolo, athe abamazi ukuthi wabaleka washonaphi.
Uthe umphakathi waqala ukumfuna umufi ngoLwesihlanu, isidumbu satholakala ngeSonto eweni. Uthe kwalandelwa umgudu kubonakala ukuthi ubehudulwa. Isidumbu sikaNguse sitholakale sigaxele edwaleni, sinenxeba lokugwazwa esifubeni. Kuthiwa ubeshile emzimbeni, waqhuma amehlo.
UMnuz Mawande Dlamini, oyikhansela, uthe umzala kamufi bebemlungisela udaba lokwakhelwa indlu yomxhaso. Uthe bebecele umasipala ukuthi umvulele umgwaqo ozongena kwakhe ngoba uhamba ngezinduku.
“Sitshelwe ukuthi umufi uke waxabana nomzala wakhe, bebanga umgwaqo. Ngashayelwa ucingo ngeSonto, sengitshelwa ukuthi utholakale eweni,” kusho uDlamini.
Umndeni kamufi uyayiphika eyombango womgwaqo, othe umzala kamufi usevika ngayo.
UMnuz Dumile Gumede oyinduna, uthe umufi wake wambikela kabili ukuthi uxabene nomzala wakhe.
“Ngamtshela ukuthi akalethe imali yokuvula icala kwasho ukuthi ubengenayo. Ngimangele sengithola ukuthi ubulewe.
Okhulumela amaphoyisa eKZN, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuphenywa idokodo lokufa komuntu emuva kokutholakala kowesilisa obedukile. Uthe kwathathwa owesifazane, indodana yakhe nendodakazi baphoswa imibuzo badedelwa. “Okwamanje akekho omataniswa nokubulala njengoba kuvulwe idokodo, okuzolindwa umphumela wokuhlolwa kwesidumbu ukuthi umufi ubulewe yini,” kusho yena.