NONTUTHUKO NGUBANE
KUSOLWA izidakamizwa ngezinye izigameko zokubulawa kwabantu eMbali, eMgungundlovu.
Inqwaba yezigamemo zokudutshulwa kwabantu, sekuvele ukuthi kungenzeka ukuthi zihlobene nombango wezidakamizwa oqhubekayo.
Umthombo weSolezwe osondelene nalolu daba ocele ukungadalulwa, uthe kusolwa izidakamizwa kwabanye ababulawayo.
"Kudubulana abantu abadayisa amaphilisi. Uma usulandela kahle kunabantu abathinteka kwizidakamizwa," kusho umthombo.
NgoLwesithathu, kuvele ukuthi kube khona ukudutshulwa kwabantu ngasesikoleni eSukuma, eMgungundlovu.
Lezi zindaba zisabalele nasezinkundleni zokuxhumana, zihambisana nezithombe zabahlaselwe.
Kuthintwa amaphoyisa akuchithile lokhu, athi bekunombhikisho wezitshudeni, akuzange kube khona ukudubulana.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe: “Sibhekile esiteshini sase-Plessislaer, asikho isigameko sokudubula esibikiwe namhlane (ngoLwesithathu).”
Kuvela lokhu nje kade kusanda kudutshulwa ababili abaseMbali edolobheni laseMgungundlovu.
UMnuz Sbu Zondi noMnus Njabulo Diba baseMbali bahlaselwe eDuzi Medical Centre edolobheni laseMgungundlovu ngoMsombuluko.
IKhansela uMnuz Xolani Ngongoma laseWard 22 eMbali, lithe bakhathazekile ngesimo esiqhubekayo kule ndawo.
“Umphakathi uthukile ngesimo esenzekayo, futhi abaqondi ukuthi yini imbangela? Ngase-033 kukhona abadutshuliwe abase-wadini yami. Siyafisa abantu behlise umoya, kukhona namaphoyisa asuka kwezinye izindawo ukuzama ukudala uzinzo. Kumele abantu belethe ulwazi emaphoyiseni ukuze kuboshwe abasolwa. Akufanele abantu bafihle ulwazi uma benalo. Siyazi kuke kwaba namacala ngaphambilini, ofakazi babulawa, ecaleni lokudlwengula. Kulokhu sifisa ukuqinisekisa abantu ukuthi bazophepha uma beletha ulwazi. Mina njengekhansela, ngiyafisa ukuba bavele noma bengeke baziveze ukuthi bangobani," kusho uNgongoma.
Ikhansela lithe bakhathazekile kakhulu ngalesi simo.
"Le nto ibahlalise lubhojozi abantu ngoba awazi ukuthi sizoqhuma nini isibhamu nokuthi sizoqhuma kuphi. Laba bantu abenza lokhu siyafisa ukuba bahlale phansi kuthelelwane amanzi. Manje asazi sizobiza bani ngoba asazi ukuthi kwenzakalani, izibhamu zithe chithi saka emphakathini," kusho uNgongoma.
Ilungu lomphakathi elikhulume neSolezwe, elingathandanga ukudalulwa, lithe isimo simazonzo.
“Sihlezi ngesinqa esisodwa, siyesaba futhi sethukile kakhulu. Asazi kwenzakalani, kuqhuma isibhamu nsuku zaphuma. Namhlanje (izolo) kuthiwa kubulewe abanye abantu. Asazi kungani abantu bebulawa kangaka, asazi ukuthi impi engaka isuswa yini?” kusho ilungu lomphakathi.
Khonamanjalo; kudutshulwe abashadile e-Hardingsdale ngasemgwaqweni uGreytown, eMgungundlovu, izolo emini.
Laba ekuvele ukuthi ngabakwaDlamini, badutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu ngabantu abebebacuthele.
UColonel Mbele uthe kuvulwe amacala amabili okubulala.
“Amaphoyisa aseMountain Rise avule amacala amabili okubulala. Ngabo-10.30 ekuseni eRaisethorpe, kudutshulwe abashadile, abebesuka emzini wabo, besemotweni. Ababulewe badutshulwe ngenqwaba yezinhlamvu emzimbeni. Bashonele endaweni yesigameko. Ayaziwa imbangela yokubulawa kwabo, kusaphenywa,” kusho uCol Mbele.
Imizamo yeSolezwe yokuthola umndeni wababulewe izolo ayizange iphumelele njengoba izinombolo zabo bezingatholakali.