KUSOLWA umbango wezidakamizwa ngokubulawa kwabantu abathathu eLamontville, eThekwini, abadutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu besemotweni ngoMgqibelo ebusuku.
OMnuz Siphelele Dimba (35), Lungisani Lucky Xhoza (41), noNksz Navishka Roopnarain (18), babulewe kwasinda oyedwa abebehamba naye.
Amaphoyisa aveze ukuthi kuboshwe abane ngalesi sigameko.
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi kusolwa umbango wezidakamizwa njengoba lapho kuboshwe khona abasolwa kutholwe inqwaba ye-cocaine.
“Okwamanje kusavele ukuthi bekubangwa izidakamizwa, kunezinsolo zokuthi ababoshiwe ngezinsolo zokubulala bayazidayisa. Abasolwa bazitshele ukuthi badubula wonke umuntu kanti kuzosinda oyedwa,” kusho umthombo osondelene nodaba, wacela ukungadalulwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe abasolwa abane bazovela enkantolo yaseThekwini namhlanje ngecala lokubulala, elokuzama ukubulala, ukutholwa nezidakamiza nokutholwa nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
“Kubizwe amaphoyisa endaweni yesigameko ngabo-21:30 ebusuku ngoMgqibelo, eLamontville. Amaphoyisa ngesikhathi efika lapho ebizwe khona bekupake imoto eceleni komgwaqo, ngasohlangothini lomshayeli bekunowesilisa enamanxeba okudutshulwa. Omunye wesilisa utholwe esebhuthini yemoto, edutshuliwe. Bobabili bese beshonile. Omunye wesilisa oneminyaka engu-25, uphume ehlokozini eliseduze edubulekile emzimbeni. Uphuthunyiswe esibhedlela ukuze alashwe. Kubhekiwe endaweni yesigameko kwatholakala owesifazane ehlokozini edutshulwe ekhanda, eseshonile.
Amaphoyisa abe eselandela ulwazi alutholile, aya komunye umuzi khona eLamontville afike abopha abasolwa abane, abaneminyaka ephakathi kuka-23 no-24. Lapho kuboshwe khona abasolwa kutholwe izibhamu ezintathu ezingekho emthethweni, nezinhlamvu ezingu-11. Kutholwe nokuthile okuyamaniswa ne-cocaine. Abasolwa baboshwe becashe etekisini ebipakwe egcekeni. Kutholwe enye imoto ebipakwe egcekeni inezimpahla okusolwa ukuthi zintshontshiwe.
Imizamo yeSolezwe yokuthola imindeni yababulewe ayizange iphumelele.