KUSOLWA umbango wokudayiswa kwewunga nokulahleka kwemali okuthiwa bekudayiswe ngayo iwunga, esigamekweni okubulawe kuso abathathu eMzimkhulu.
UMnuz Mduduzi “Mbhabha”Khuboni (25) udutshulwe endaweni ewushisanyama eStina nabangani bakhe ababili, ngoLwesihlanu ebusuku.
Khona lapho kulimale abanye abesilisa ababili nowesifazane abadubulekile kodwa basinda.
Isolezwe lithole ukuthi abesilisa ababili abebesola laba besilisa ngokuntshontsha imali yewunga, enguR40 000 nokudayisa iwunga endaweni yabo, babe sebevulela ngenhlamvu.
Uninalume kamufi, uMnuz Gcobani Khuboni uthe ushaqekile ngomshana wakhe njengoba kade ethunywe uninakhulu edolobheni, wangabe esabuya.
“Mina ngisebenza eMthatha, e-Eastern Cape. Ngizwe sengithintwa ngocingo ngibikelwa ngokushona kukamshana.
Engikwaziyo ukuthi ubethunywe edolobheni ukuba ayokwenza izinto ezithize. Kuthiwa ube esehlangana nabangani bakhe, abanye uhlobene nabo, baya koshisa inyama kaR300. Kusolwa ukuthi laba bangani bebehlaselwa befunwa. Kufike umuntu wabadubula. Kwabe sekushona umshana wami odutshulwe kawu-15 ekhanda,” kusho uKhuboni.
Inyama abebezoyidla kuthiwa abazange besayidla njengoba isale isaphazeke itafula.
Uninalume uthe akazi ukuthi kungani behlaselwe yize kukhona amahlebezi abake bawezwa.
“Nendaba yezidakamizwa sike sayizwa kodwa ngeke sazi ukuthi kungani behlaselwe ngoba besingekho futhi angazi lutho ngokuhlaselwa kwabo,” kusho uKhuboni.
Uthe umshana wakhe ubehlala ekhaya, engasafundi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala usiqinisile lesi isigameko, wathi basafuna abasolwa.
“Kuvulwe amacala okubulala amathathu namanye amathathu okuzama ukubulala emuva kwesigameko esenzeke eMzimkhulu ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku. Abashonile baphakathi kweminyaka engu-25 no-27. Abanye abesilisa ababili noyedwa wesifazane badubulekile. Kuthiwa kufike abesilisa ababili bavulela ngenhlamvu. Imbangela yokubulawa kwabo ayaziwa, kusaphenywa. Akekho oboshiwe,” kusho uCapt Gwala.