UPHITHENE amakhanda umndeni womfundi esekuphele inyanga anyamalala ngemuva kokuthathwa ekhaya yisoka elalisabise ngokuthi lizombulala phambilini.
UNksz Amanda Mhlana (19) waseMachobeni, eNanda wahamba ekhaya ngo-Okthoba 12 nonyaka elandwe yisoka.
Lo mfundi, ofunda eSithandimfundo High eMachobeni, bekufanele engabe uqale ukubhala izivivinyo zika-matric eziqale ngenyanga edlule kodwa lokho akwenzekanga.
Umndeni usola ukuthi wathunjwa yilo isoka lakhe okuthiwa belimhlukumeza limshaya limshiye emabokoboko.
Udaba balubika emaphoyiseni ngemuva kwezinsuku ezine engatholakali.
Ngokusho kukadadewabo, uNksz Smangele Mhlana, bagcina ukumbona kunguMgqibelo ebusuku mhla ezolandwa yisoka lakhe abenomntwana nalo.
“Sikhathazeke kakhulu, sekuphele inyanga kodwa lutho ukutholakala namanje. Okungiphatha kabi kakhulu wukuthi siyamazi owafika wazomlanda ekhaya. Indoda yakhe ibimshaya futhi kunengxoxo eqoshiwe phakathi kwabo lapho yazisholo yona ukuthi uma ike yambona izomgwaza.
Uze asho nokuthi akakusabi ukuboshwa yena. Kubuhlungu-ke uma sekuphele inyanga nalo futhi leli soka lakhe liphinde limphike ekubeni yilo elafika lazomthatha ekhaya,” kusho udadewabo.
Njengoba kuqhubeka kuhamba isikhathi, umndeni ubika ukuthi usuqala ukulahlekelwa yithemba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uKapteni Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokulahleka komuntu.
“Singakuqinisekisa ukuthi icala lomuntu olahlekile livuliwe ngemuva kokunyamalala kukaNksz Amanda Simelane oneminyaka engu-19. Udaba lusaphenywa,” usho kanje.
Udadewabo ka-Amanda uthe sebelindele noma yini.