UZALELWE yinja endlini umphathisiteshi wamaphoyisa aseNgwavuma osolwa ngokweba izimpahla ezingamasekeni ezazibekwe esiteshini sakhe emuva kokuba zithathwe kubantu ababezama ukuzingenisa ngokungemthetho emngceleni.
ULieutenant Colonel Absalom Bhekisisa Masuku kuthiwa ugqigqa icala ekomkhulu lamaphoyisa esifundazweni lapho okuhlala khona isithangami sokuqondiswa ubugwegwe. Kuthiwa lesi sikhulu kade sivelile phambi kwekomiti ngoLwesihlanu olwedlule kwathiwa asophinda sibuye ngenyanga ezayo lapho kuzoqhutshekwa khona nodaba lwaso. Leli cala lithathwa njengelibi kakhulu futhi uphenyo kuthiwa lusesigabeni esibucayi naso lesi sikhulu sihlatshwa ngemikhonto yemibuzo ngokuduka kwalezi zimpahla.
Okunye osekudale uvalo ukunyamalala kwephoyisa elasukumela lolu daba lavula icala, kuthiwa leli phoyisa alaziwa ukuthi liphi kodwa kusolwa ukuthi lisekubhaceni ngoba lesabela impilo yalo.
Umthombo uthi amaphoyisa akulesi siteshi aweneme ngokuthi lesi sikhulu selokhu sethweswe icala asikaze simiswe emsebenzini ekubeni kuyicala elibucayi okufanele ngabe liphenywa sihleli ekhaya.
Kuthiwa amaphoyisa asebenzela emngceleni ayephumile njengenjwayelo abamba izimpahla abuya nazo njengobufakazi azibhalisa ebhukwini njengokwenqubo azibeka egumbini thizeni.
Kuthiwa ukhona owathola ukuthi umphathisiteshi uyazithutha lezi zimpahla azishaye indali. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele ukuqinisekisile ukuthi kunecala lokweba elivulwe esiteshini eNgwavuma emuva kokulahleka kwezimpahla okuthiwa zithathwe umsolwa ongaziwa kodwa uphenyo lusaqhubeka.
Leli phephandaba ngeSonto eledlule libike ngesimo esingagculisi neze okuthiwa amaphoyisa asebenza ngaphansi kwaso njengoba kuvalwe isiteshi sawo athuthela kwesinye isakhiwo.
Izikhulu zamaphoyisa esifundazweni zikuchithile lokhu zithi yinto engekho. Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMasuku obhekene necala ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa nemiyalezo ashiyelwe yona akayiphendulanga.