BAWOTHA ubomvu abazali ngabakubize ngokuphambaniselwa kwezingane zabo yisangoma (15) esinyamalale nazo izinsuku ezintathu bengazi ukuthi zikuphi.
Ngokusho kwabo, izingane zitholakale sezinolaka futhizi bonakala sengathi sezilahlekelwa wumqondo, zisabisa ngokubulala amafasitela emakhaya futhi zihayiza.
Lesi sigameko kubikwa ukuthi senzeke emzini lapho lesi sangoma ebesifikele kuwona sizokwelapha eNgonyameni ngaseMlaza.
Abafanyana ona-12 nona-10, banyamalale kuyiSonto, batholwa ngamaphoyisa ngoLwesithathu.
Umnikazi womuzi uthe lesi sangoma bese sihlale kwakhe izinyanga ezimbili.
“Konke abesitshela kona ngokwenzeka lapha ekhaya bekuyiqiniso okwenza samkholwa,” kusho yena.
Umsolwa kuthiwa wathi ungowaseMalukazi.
“Wathi uzosiqinisela umuzi wethu mahhala,” usho njalo.
NgeSonto eledlule ebuya esontweni, uthe ufike ekhaya wabikelwa ukuthi lesi sangoma sihambe nendodana yakhe nomfana wakwamakhelwane.
“Sibafunile abantwana sangabathola sabikela amaphoyisa,” kuchaza omunye unina womfana.
Emuva kwezinsuku ezintathu lesi sangoma sinyamalale nalaba bafanyana, abazali babo bancinzwe indlebe ngabathile ukuthi babonakale komunye umuzi kwa-E eMlaza.
Lesi sangoma okuthiwa besiphuma singena emizini nalaba bafana, abazali bathi sibanjwe ngamaphoyisa sithwabaza nabo emarobhothini kwa-L eMlaza.
“Wathi asihambe naye uyosigeza isinyama. Asisolanga lutho ngoba ekhaya bese bemjwayele,” kuchaza umfanyana walapho lesi sangoma esafikela khona.
Uthe isangoma besihamba nabo sibehlisa sibenyusa ilokishi ubusuku nemini baze bafika naseFolweni behamba ngezinyawo.
“Ubehambe ecela indawo yokulala emizini eyahlukene. Kweminye bebebamukela, abanye bamxoshe,” kusho omunye walaba bafana. Umsolwa wayebaxwayise ngokuthi uma behamba naye babheke phansi bangakhulumisi muntu.
“Uma esikhulumisa wayethi asimguqele ngaso sonke isikhathi,” basho njalo.
Bathi uma bekhuluma bodwa, ubebasabisa ngokuthi uzobashaya ngedlozi nangeshoba.
Bathi uphinde wabayalela ukuthi bakhumule babe nqunu, ethi abayobhukuda edamini eliseduze.
“Esehambile wathi angidunuse wangifaka inhlabathi esixutshwe nobulongwe ezinqeni ethi uyaselapha,” kuchaza laba bafana.
Bathi uma sekubuye omunye, wathi akuyobhukuda omunye, wenza okufanayo nakomunye.
“Ubesitshele ukuthi uzosihambisa kwesinye isangoma esizosithwasisa size sidedelwe ngomhlaka 5 kuDisemba,” basho njalo.
Bathe kade sebegqokiswa amabhayi ezangoma aluhlaza njalo nje.
Okhulumela amaphoyisa eKZN, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo lokulahleka kwabafana ababili eMlaza.
“Siluleka abazali babafana abalahlekile baye kumphathisiteshi samaphoyisa eBhekithemba ukuze kuvulwe icala uma kuwukuthi bezithunjiwe, nokuphenya izinsolo zokwenqatshelwa ukuvula icala,” kusho uCaptain Gwala.
UMnuz Mhlaba Memela okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, ucele ukuthunyelelwa imininingwane yabazali bezingane ukuze babaxhumanise nosonhlalakahle abaseduze.
“Sizobasiza nangokubaxhumanisa nodokotela bezengqondo ngoba kuzwakala sengathi bahlukumezekile,” kusho uMemela.
Okhulumela abelaphi bendabuko uMnuz Sazi Mhlongo, uthe umsolwa yisigebengu okumele siboshwe ngoba silulaza abelaphi bendabuko.