ISAZI sezindaba zikagesi, uMnuz Ted Blom, sithi kusazoba nzima kubantu baseNingizimu Afrika njengoba i-Eskom ivunyelwe ukuthi inyuse ugesi ngo15.63% ngo-Ephreli.
Lokhu kuzosiza i-Eskom ukuthi ibuyise uR10 billion owayilahlekela ngesikhathi ingakwazi ukunyusa kahle intengo kagesi.
INational Energy Regulator South Africa (Nersa) ivumele i-Eskom ukuthi inyuse ugesi ngale ndlela emuva kokuthi le nkampani iluhambise enkantolo udaba lokunyusa ugesi.
UBlom usole iNersa ngokwenzela phansi abantu baseNingizimu Afrika ngoba yiyona okufanele ibavikele kwizindleko eziphezulu zikagesi.
“INersa ayiwenzanga kahle umsebenzi wayo wokuqikelela ukuthi ugesi awunyuswa ngendlela emangalisayo. Ayizange iye enkantolo ukuyobeka uhlangothi lwayo kulolu daba lokunyuswa kukagesi. Lokhu kusho ukuthi abantu bazokhokha imali ethe xaxa ngogesi. Uma ngenza isibonelo nje, uma ujwayele ukuthenga ugesi wekhadi kaR100 uthole ama-unit awu-50. Kusukela ngo-Ephreli 1 uma sekunyuke ugesi usuzothola ama-unit awu-30 ngoR100,” kusho uBlom.
Ucele abantu ukuthi bayisukumele indaba yokunyuka kukagesi bakhulume nohulumeni ngoba uma bethula bazoqhubeka nokuxhashazwa yi-Eskom.
UNksz Abigail Moyo obhekelele ezokuxhumana kwinyunyana yabasebenzi i-UASA eyayibizwa nge-United Association of South Africa, uthe abasebenzi nabantu baseNingizimu Afrika bathwele kanzima ngenxa yenkohlakao yase-Eskom.
Uzwakalise ukukhathazeka ukuthi abasebenzi bangase baphelelwe yimisebenzi ezimbonini ezisebenzisa kakhulu ugesi ngenxa yokuthi ngeke zikwazi ukubhekana nezindleko zikagesi obizayo.
“Ugesi ucishe wanyuka ngo-16% ngakho izinkampani eziningi zingase zidilize abasebenzi. Siphathele kabi ngoba kunyuka ugesi ngesikhathi esibi lapho izwe libhekene nenkinga yeCovid-19, umnotho awukhuli kahle kanti namandla emali ayanyuka. Lokhu kwenza izinga lokuphila libize. Asazi-ke noma ukunyusa ugesi kuzosiza i-Eskom ukuthi iyeke ukulokhu iwunqamula njalo,” kusho uNksz Moyo.
UMnuz Kevin Milenham okhulumela iDemocratic Alliance (DA) kwezamandla, uthe iNersa ijezisa abantu baseNingizimu Afrika ngokuvumela i-Eskom ukuthi inyuse ugesi ngo-Ephreli ngoba bathwele kanzima ngenxa yeCovid-19 ebaqedele imisebenzi yabafaka enhluphekweni.
Uthe iNersa ihlulwa wumsebenzi ngoba ukube ibiwenza kahle umsebenzi wayo ngabe ugesi awunyukanga ngale ndlela.
Isikhulu esiphezulu seDurban Chamber of Commerce and Industry, uNkk Palesa Phili, sithe umnotho waseNingizimu Afrika ungaphansi kwengcindezi ngenxa yeCovid-19 ngakho ukunyuka kukagesi kuzofaka ingcindezi kosomabhizinisi.
Uthe osomabhizinisi abanayo imali yokuxhasa ukungaphathwa kahle kwe-Eskom, kudingeka isisombululo kulolu daba. Osomabhizinisi abancane uthe yibona abazoshayeka kakhulu ngokunyuka kukagesi bese kushayeka umnotho nokudaleka kwamathuba omsebenzi.