KUDUMA amakhanda emindenini emithathu yase-Estcourt kulandela ukubulawa kwamadoda amabili abeyofuna izinkomo obekusolwa ukuthi zebiwe. Indoda yesithathu kuthiwa isadukile.
UMnuz Mzothini Mazibuko (21), uMnuz Shabalala elingatholakalanga igama lakhe noMnuz Phelelani Zulu kuthiwa bahamba emakhaya ngoLwesine ngeledlule benyukela ezintabeni zoKhahlamba belandela umkhondo wezinkomo zasemakubo ezebiwe.
NgoLwesihlanu, kwatholakala isidumbu sikaMazibuko nesikaShabalala zinamanxeba okudutshulwa, uZulu akakatholakali kuze kube manje.
UMnuz Sangiphile Mazibuko uyise kaMzothini, uthe bese kuphele isonto kwebiwe izinkomo zakhe ezingu-11 namahhashi amathathu kanti ngaphambi kwalokho bezilokhu zebiwa izikhawu.
"Kuvele umkhondo wokuthi izinkomo zebiwe abeSuthu bacasha nazo ezintabeni zoKhahlamba. Abafana ngokudinwa, balandele lo mkhondo benyukela khona ezintabeni. Asazi ukuthi kwenzekeni lapho ezintabeni. Sizwa kuthiwa kuqhamuke indiza yamasosha aseLesotho, yadubula bashona kwafa nezinkomo namahhashi," kusho yena.
Uthe izinkomo eziyisikhombisa kwebezilahlekile zitholakele khona lapho entabeni.
UMnuz Darkie Zulu uyise kaPhelelani, uthi namanje basazulazula ezintabeni, abayitholi indodana yakhe.
Uthe ubelahlekelwe yizinkomo eziyisithupha ezingakatholakali kulezi ezifile, akazi noma zikhona yini noma sezonakele?
"Amaphoyisa ezinja ehlulekile, athi akatholakali kungenzeka ukuthi uthunjiwe. Ngikholwa ukuthi ukhona lapha entabeni ngokusizwa umphakathi sisabheka," kusho yena.
UMnuz Nowa Dlangalala, undunankulu wesizwe sakwaMazibuko, uthe sekwebiwe izinkomo ezilinganiselwa phakathi kuka-200 no400 izinkomo zamalungu omphakathi ezebiwe kusukela ngoNovemba okusolwa ukuthi ziseLesotho.
"Lukhona uhlelo lwamaphoyisa oluye lwenziwe uma kwebiwa izinkomo zangapha zikhonjwa eLesotho kodwa manje luhamba kancane ngenxa yeCovid-19. Miningi imigomo okumele ilandelwe okuholele ekutheni laba bafana baze bathathe isinqumo zokuya kozibhekela. Lapho befele khona akukhona eLesotho kuseKZN esiqiwini, Injisuthi. Asazi ukuthi kungani amasosha ebadubulile njengoba sizwa kuthiwa indiza bekungeyamasosha akhona? Esikubonayo ukuthi abeSuthu abasebenza ngapha bazoba sengozini ngoba umphakathi udinwe kakhulu ngenxa yokubulawa kwalaba bafana," kusho yena.
UCol Thembeka Mbele uthe kuvulwe idokodo lophenyo eliphenywa amaphoyisa asesiteshini eLoskop.