AMAPHOYISA aseqale uphenyo ngokubulawa kwabantu abane e-Eerste River eKapa, ngoMsombuluko.
Okhulumela amaphoyisa uMnuz Siyabulela Malo, uthe owesihlanu kubagilwa udubuleke walimala kanzima kanti usesimeni esibucayi esibhedlela. UMalo uthe kuvulwe amacala okubulala nawokuzama ukubulala ngemuva kwesigameko esenzeke ngoMsombuluko emgwaqweni uMars, eSomerset Heights eKleinvlei.
Abathathu kubona batholwe befile endaweni yesigameko kanti ababili baphuthunyiswe esibhedlela oyedwa kubona washonela khona esibhedlela ngoLwesibili. Abagilwa baneminyaka ephakathi kuka-18 no-20 kanti akukaboshwa muntu. Okhulumela iCommunity Policing Forum uMnuz Julian Unthank, uthe isigameko sibonakala njengesihlobene neqembu lezigelekeqe.
"Ababulewe bekungabantu abasebancane basendaweni yaseMalibu abebeme ekhoneni ngesikhathi itekisi lidlula ngakubona livulela ngenhlamvu. Sesinxuse umphathi wesiteshi samaphoyisa ukuthi abuyisele amaphoyisa ayesusiwe endaweni yaseKleinvlei. IKleinvlei inobugebengu obudlangile njangamanje. Sinenkinga futhi yezakhamizi ezesaba ukunika amaphoyisa noma iCPF imininingwane ukuqinisekisa ukuthi abasolwa babhekana nengalo yomthetho," kusho u-Unthank.
Noma ngubani onemininingwane ngesigameko angathinta amaphoyisa aseKleinvlei ngokuyimfihlo noma atinthe iCrimeStop ku-08600 10111 noma athumele umqhafazo ku-32211.