KUSOLWA abahlali basemjondolo ngokushiswa kwendlu yowesifazane (51) waseKukhanyeni, eMariannhill, okhishwe endlini emuva kokuthi engayanga emashini.
UNksz Banothile Ngubo uthe sebeqube ezihlotsheni emuva kokuthi kushiswe indlu yakhe enamagumbi amabili abehlala kuyo nendodakazi yakhe uMbali (18) ngeSonto emini.
NgoMgqibelo emini kuthiwa amalungu omphakathi angamalungu enhlangano Abahlali baseMjondolo amkhiphe endlini ngoba kuthiwa akazange aye emashini ngoMsombuluko odlule.
UNksz Ngubo uthe inkinga yakhe iqale ngesikhathi kufika abantu bezoshaya indlu yakhe ngamatshe ngoMsombuluko ngoba bethi akazange abonakale ngesikhathi kulungiselelwa ukuthi kuyiwe emashini.
Uthe ngoMgqibelo kuphinde kwafika abantu okubalwa kubo abekomiti laBahlali Basemjondolo bazomtshela ukuthi akaphume aphele endlini. Uthe omunye wabaholi waze wamsabisa ngokuthi uzombulala.
“Kuqale kwafika abesifazane bathi angiphume endlini. Ngesikhathi bebona ngingaphumi bangitshela ukuthi bazolanda abesilisa abazongikhipha. Kube sekufika abesilisa bephethe izikhali bathi bazosibulala nengane yami,” kusho uNksz Ngubo.
Uthe benendodakazi babalekile endlini ngokuhlukana ngenhloso yokuthi bahlangane bese beya ezihlotsheni. Uthe indodakazi yakhe ubengakayitholi.
UNksz Ngubo uthe uthole umbiko wokuthi laba bantu baphinde badiliza indlu yakhe waphinde wathola omunye umbiko othi indlu yakhe seyishisiwe ngeSonto emini.
Uthe kumanje abazi ukuthi bazokwenzenjani ngoba abasenandawo abangahlala kuyo.
UMnuz Mqapheli Bonono, ongusihlalo wesigungu sesikhashana saBahlali Basemjondolo, uthe bebengakezwa ngokushiswa komuzi kaNksz Ngubo.
Uthe abakutholile ukuthi kunowesifazane obesabisa usihlalo wekomiti labahlali.
“Uma kukhona abantu abamshisele indlu futhi ebazi kufanele ayovula icala emaphoyiseni. Siyinhlangano yabahlali asihambisani nezigameko zodlame yingakho nosihlalo sathi akavule icala - walivula. Angeza nasemahhovisi ethu azosinekela udaba lwakhe umama sibone ukuthi singasiza kanjani,” kusho uBonono.
Izolo amaphoyisa abesathatha izitatimende kuNksz Ngubo ngalesi sigameko.