MBALI KHANYILE
KUSOLWA intukuthelo yamalungu omphakathi ahlala emijondolo yaseWelbedatch, eChatsworth, okuthiwa yakhiwe endaweni kaMasipala weTheku, ngokushiswa kwehhovisi lekhansela okuse lingqongqa izolo ekuseni.
Kuthiwa kuleli hhovisi elingumahamba nendlwana, bekunonogada ababili benkampani, Isidingo, beqaphile ngenkathi kufika iqembu lamadoda.
Kubikwa ukuthi la madoda, aqale athela uphethroli maqede akhipha labo nogada, ashisa.
Isolezwe eliphuthume endaweni yesigameko, lifike sekungqongqe yonke into ebikuleli hhovisi. Enye impahla, ibingasabonakali kahle ngenxa yokusha.
Elinye lamalungu omphakathi elingathandanga ukudalulwa igama lalo, lithe lesi senzo asiwumbandakanyi nhlobo umphakathi.
Lithe abantu basendaweni bavuswe yilangabi lomlilo okungaziwa ukuthi lilayithwe ngubani.
“Sibonga ukuthi onogada bakhishiwe ehhovisini abebeligadile. Sonke siyazibuza futhi sididekile ukuthi ngobani abanqume ukushisa le ndlu?” kusho leli lungu.
UMnuz Mapopo Mohamed oyilungu lekomiti lomphakathi, uthe ikomiti limangele lonke ngokushiswa kwehhovisi.
“Yima sizothola ukuthi kwenzakalani ngoba akukho muntu oseke waxhumana nathi njengekomiti, ezwakalisa izikhalazo zomphakathi,” kubeka yena.
Isakhiwo sehhovisi lekhansela, sakhelene nezinye izindlu ezingomahamba nendlwana okubalwa kuzo, umtholampilo nekhishi lesobho eliphakelwa abantu abahlwempu endaweni. Lezi zakhiwo zombili, aziphazamisekanga njengoba abantu bebebonakala bengena bephuma kuzo.
Ikhansela lendawo, uMnuz Sibusiso Mpanza, uthe okumphatha kabi wukuthi abantu bafaka amakhansela ezintweni ezingahlangene nawo.
“Okumele bakwazi abantu, ukuthi thina makhansela, asingeni ezindabeni zokudilizwa kwezindlu ezingadingeki endaweni kamasipala. Sekunesikhathi umasipala udilizela abantu abakhe endaweni yakhe ngokungemthetho. Izolo (ngoLwesithathu) uphinde wafika, wabadilizela. Ngicabanga ukuthi yilokhu okungenzeka ukuthi kubacasulile. Okubuhlungu wukuthi banqume ukushisa lona leli hhovisi okuwukuphela kwalo, okusizakala kulo umphakathi,” kubeka ikhansela.
Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela uthe………