Izindaba

Kusolwa abafundisi ngomnikelo ongagunyaziwe wuNyazilwezulu

Thokozani Ndlovu|Published

KUSOLWA abafundisi abathile ngokuqoqa umnikelo ongagunyaziwe wuNyazilwezulu entabeni iKhenani Isithombe: SIGCINIWE

KUKHALWA ngabafundisi abathile bomholi uMnuz Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe, okuthiwa baqola amaNazaretha ngokuqoqa iminikelo bengagunyaziwe wumholi, njengoba ibandla laseBuhleni lisentabeni iKhenani.

Kuthiwa amakholwa acelwa ukuthi anikele oR50 umuntu ngamunye, ukuze kuthengelwe omunye wabasinisi bebandla imvunulo.

Lokhu kuthiwa kuphambene nenqubo yoNyazilwezulu, okuthiwa lwakuvala ukuthi kuqoqwe iminikelo ezigcawini.

Umthombo okuleli bandla uthe kalutsheliwe uNyazilwezulu ngalo mnikelo oqoqwayo.“Kumanje kunesikhalo kwamanye amalungu ebandla ngoba sekuzwakele ukuthi le mali eqoqwayo kayigunyaziwe wumholi.

“Abafundisi abathinteka kulolu daba bangabantu vele abangenalo igama elihle ebandleni, ngendlela abaziphatha ngayo,” kusho umthombo.

Kuthiwa imali eqoqwayo ngeyokuthengela uMfundisi Ngema, ongumsinisi ebandleni. (UNgema nabanye abathinteka kulolu daba awatholakalanga amagama abo, abanye abathanga namagama abo.

Omunye wabafundisi okuthiwa baqoqa imali, uMfundisi Mjiyakho, uthe akasiboni isidingo sokuthi lolu daba luze luphume emaphepheni.

“Uma kungukuthi kukhona ongenelisekile, kumele axhumane nathi. Le nto akuyona eyamaphephandaba kodwa yindaba yangaphakathi esontweni.

“Ngeke sikhiphele izindaba zebandla ngaphandle. Kungenzeka futhi ukuthi lo osho lokho akasini nokusina. Sinamakomiti ngaphakathi esontweni. “Uma kukhona ongenelisekile kumele abike kuwona, hhayi ukuthi aze abikele amaphephandaba. Nokuthi umholi wakuvala ukuqoqwa kwemali esigcawini, akuyona into esingayikhuluma esidlangaleni ngoba siyalihlonipha kabi isonto,” kusho uMfundisi Mjiyakho.

UMfundisi Mdletshe ongomunye wabaphambili ekuqoqeni lo mnikelo akatholakalanga ukuphawula.

UNgema ongumsinisi, okuthiwa kuqoqwa imali yokuthenga imvunulo yakhe, uthe akanalwazi ngalo mnikelo oqoqwa egameni lakhe.

“Uma kwenzelwa wena into kawuvamisile ukuthi ube yingxenye yayo kodwa wuzwa ngoba usutshelwa. Mina akukho engikwaziyo ngendaba yomnikelo.

“Ngicela ubuze kubona abayiqoqayo, yibona abangakunika into eqondile ngawo,” kusho uMfundisi Ngema.

Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe ukuqoqa umnikelo kugunyazwa wuNyazilwezulu kuphela.

“Uma kungukuthi bayibikelile inkosi (uNyazilwezulu) akunankinga. Awukwazi ukuqoqa imali engazi umholi.

“Ngeke uzenzele noma yikanjani emzini wendoda ungacelile imvume kuyona. Ngelinye ilanga anobika nangokuhle okwenzeka ebandleni.

“Kumanje sibabaza amandla oNyazilwezulu njengoba kuvuke isishosha eKhenani kodwa akekho okhuluma ngalokho,” kusho uMncwabe.