UNGQONGQOSHE wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube usesihlabe wasihlikiza isenzo sokushiswa kwamahhovisi alo Mnyango eCato Crest, eThekwini ngoLwesine ekuseni.
Okhulumela umnyango uMnuz Lennox Mabaso, uthe bekungokwesibili ehlaselwa lawa mahhovisi kuleli sonto.
“Amahhovisi ahlaselwe ngoLwesibili ngabantu okuthiwa bebebhikisha, bawashisa ngebhomu likaphethroli. Lokhu kwenzeke ngesikhathi kubhikisha abantu abadle umhlaba ngokungemthetho emgwaqeni uJan Smuts Highway noVusi Mzimele, lapho kwahlaselwa khona nezimoto ezazidlula kulo mgwaqo,” kusho uMabaso.
UMabaso uthe bayasola ukuthi ukushiswa kwamahhovisi ngoLwesine kuhlobene nempi ephakathi kukahulumeni nabadla umhlaba ngokungemthetho kule ndawo.
UNomusa-Dube-Ncube usihlabile lesi senzo wathi sizophazamisa ukulethwa kwezimfuno zomphakathi.
“Lokhu kuhlasela ngamabomu isakhiwo sikahulumeni kugcina kulimaza nabantu abamsulwa izidingo zabo ezibhekelelwa iminyango kahulumeni efana nowethu. Sifuna abezomthetho baphenye kabanzi bathungathe abenze le nto.” usho kanje.
Nyakenye kulawa mahhovisi kwagasela amadoda ehlomile eba amathelevishini namakhompyutha. Laba kuthiwa bathatha nemoto yomsebenzi eyagcina itholwe eNewlands eThekwini.
UDube-Ncube unxuse amalungu omphakathi angaba nolwazi ngalesi sehlo ukuthi aphumele obala ukuze kuboshwe abathintekayo.