KUDUTSHULWE ibambabukhosi lesizwe sakwaJama, eNquthu, ngamadoda angaziwa izolo ekuseni.
Ibambabukhosi, uSamson Dlani Buthelezi, kuthiwa udutshulwe kwakhe ngamadoda angaziwa, waphangalalela endaweni yesehlakalo.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu eKZN, uMnuz Sipho Hlomuka, uchaze lesi sehlakalo sokubulala njengento engenangqondo.
UHlomuka uthe ukubulawa kukaButhelezi kuzovula igebe elikhulu ebuholini bomdabu esifundazweni.
“Sinxusa imiphakathi ukuthi izineke obala izigebengu ezizama ukwenza ukuthi lungabi khona uzinzo ebuholini bomdabu esifundazweni. Lezi zigebengu kumele ziboshwe bese zibhekana nengalo yomthetho,” kusho uHlomuka.
Uchaze umufi ngokuthi ubengumuntu obezimisele futhi esebenza ngobuqotho.
Uphonsele inselelo umphakathi ukuthi ulekelele ingalo yomthetho ngemininingwane engaholela ekutheni kuboshwe ababulali.
Udlulise amazwi enduduzo kwiSilo samaBandla, uMisuzulu kaZwelithini, eNdlunkulu kaZulu nasemndenini webambabukhosi uButhelezi.
UHlomuka uthe usejube ithimba labasebenzi balo mnyango ukuthi liyokweseka umndeni kaButhelezi.