Izindaba

Kusinde ingane eyodwa umndeni ungqongqa nomkhukhu

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kusinde ingane eneminyaka eyisikhombisa umndeni wayo ungqongqa nomkhukhu emijondolo yaseMarkiana, eKurhuleni.

Image: X

Umlilo udlule nemiphefumulo yamalungu omndeni ayisithupha emijondolo yaaseMarikana, eKurhuleni ezintatha zangoMsombukulo. Lo mlilo uqubuke ngesikhathi umndeni ulele emjondolo wawo onamagumbi amane.

Umakhelwane uthi uzwe ngezintatha zanamhlanje ngo-2h40 bezwa abantu bememeza becela usizo. Uthi baphume nomyeni bayozama ukusiza, umyeni wakhe uphule iwindi ngenhloso yokutakula abangaphakathi, kodwa umlilo wabhebhetheka kakhulu."Into esiyibonile ubuhlungu kakhulu, ukuzwa umuntu ekhala ecela usizo waze wathula," kusho yena.

UKlaas Mabhena, ongumngani womndeni nongumakhelwane wamalungu omndeni ayisithupha ashone ngesikhathi kusha umjondolo wabo uthi umphakathi wenze konke okusemandleni ukuzama ukunqanda umlilo. UMabhena nguyena ohlenge intombazane eneminyaka eyisikhombisa

Kubikwa ukuthi intombazane esindili iphuthunyiswe esibhedlela omakhelwane isesimweni esibucayi kakhulu.

U-MMC waseKurhuleni wezokuHlaliswa kwaBantu uKgopelo Hollo ohambele umphakathi waseMarikana uveze ukuthi uhlelo lukahulumeni lokwakha izindlu ezingu-1200 luzohlinzeka ngamathuba azohlomulisa abahlali basemijondolo yaseMarikana.