Izindaba

Kusinda kwehlela eminyangweni yaseKZN ebhekene nenkinga yezimali

Sabelo Nsele|Published

ABANIKAZI bezinkampani eziphakela izikole baqhinqe emahhovisi oMnyango wezeMfundo esifundeni uMgungundlovu, bekhala ngokungakhokhelwa

Image: Sithunyelwe

ISENKINGENI iminyango kahulumeni waKwaZulu-Natal ekhungethwe yinkinga yemali njengoba osomabhizinisi abangakhokhelwe befuna ngoshova imali yabo.

Izolo iMinyango, owezeMpilo nowezeMfundo, ibhekane nolaka losomabhizinisi abangakhokhelwe abanqumele le minyango ugwayi katiki. Yomibili ibhekene nenkinga yemali.

Abaphakela izikole baqhinqe emahhovisi oMnyango wezeMfundo bekhala ngokungakhokhelwa, abanye osomabhizinisi bavale amahhovisi oMnyango wezeMpilo.

Izinkampani eziphakela izikole zithi seziphelelwe amaqhinga okuthi zizoyithathaphi imali yokuqhubeka ziphakele izikole ngalesi sikhathi zisalinde ukukhokhelwa wumnyango

Abanikazi bezinkampani bathe sekunesikhathi eside umnyango ubabambisa udonga.

Bathe abanye babo basalinde ukukhokhelwa imali yokudla abakuhambise ngonyaka odlule.

Kulolu hlelo lokuphakelwa kwezikole kuhlomula abafundi abangaphezu kuka-2 million abaqhamuka ezikoleni ezingu-5 400.

Okhulumela inhlangano yabaphakela izikole KwaZulu-Natal, uMnuz Thabang Mncwabe, uthe abanikazi bezinkampani bathwele kanzima.

"Kunabanikazi bezinkampani abangakaze bayithole imali yabo okwakufanele bayithole ngonyaka odlule. Abanye bakhokhelwa imali engaphelele. Awazi ukuthi inconzulwa wubani, ayishonisephi lena enye ngoba uMnyango wezeMfundo kuzwelonke uyikhipha iphelele imali."

"Besikade sithembele kwiThala, njengoba selivaliwe sesidlala omashonisa. Nabo omashonisa sebekhathele yithina ngoba siyahluleka wukukhokha. Iningi lethu lihlafuna lijeqeza ngenxa yokukweleta omashonisa."

UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthembise ukuthi abanikazi bezinkampani bazoyithola imali yabo ngoLwesine wathi uqale kwakhona izolo ukuyifaka.

Esitatimendeni umnyango uthe u-78% wezinkampani wakhokhelwa ngo-Ephreli, wathi ukukhokhelwa kwezinye izinkampani kwabanjezelwa wubuhixihixi obadalwa wukushintshwa kohlelo olusetshenziswayo.

Inhloko yomnyango, uMnuz Nkosinathi Ngcobo, ishwelezile kubanikazi bezinkampani abangakhokhelwe.

"Umnyango uzama ngakho konke okusemandleni ukulungisa lobu buhixihixi. Ukubambezeleka akuhlangene nenkinga yemali ebhekene nomnyango njengamanje. Imali yokuphakelwa kwabafundi iqhamuka emnyangweni kazwelonke."

UMncwabe uphakamise ukuthi kushintshwe uhlelo olusetshenziswayo ukukhokhela izinkampani.

"Akukaze kwenzeke ukuthi abantu bengazitholi izibonelelo zikahulumeni. Uma kunezinkinga kuyaye kwenziwe izinhlelo zokuthi abantu bathole izibonelelo kwezinye izindawo, okungaba yisezitolo. Nakuthina kufanele kwenziwe uhlelo olukanjalo uma kunobuhixihixi."

Osomabhizinisi abangaphansi kwenhlangano, iKZN Black Small Business Association,  bavale amahhovisi oMnyango wezeMpilo aseMgungundlovu.

UMnuz Zethembe Ngcongo, wale nhlangano enamalungu angu-245, uthe nabo sekunesikhathi eside umnyango ungabakhokheli.

Ukhale ngokuthi umnyango ujaha ukukhokhela izinkampani ezinkulu bese ukhohlwa wukukhokhela izinkampani ezisafufusa.

"Ekugcineni sigcina sisebenzela omashonisa ngoba uma ngithola umsebenzi emnyangweni, kuyaye kungiphoqe ukuba ngiboleke imali komashonisa. Imali kamashonisa izala u-40%. Uma umnyango uphuza ukukhokha imali inzalo igcina isikhula isidlula ngisho imali engizoyithola emnyangweni. Mina ngigcina ngisala nesikweletu."

Wonke amasango angenela emahhovisi omnyango asesakhiweni iNatalia, abekhiywe ngamaketanga nezingidi ezinkulu.

Abasebenzi bomnyango bafike bama izixongololo ngaphandle kwesakhiwo. Bebelokhu beqhwebana, bebabaza.

Nabadlula ngendlela bebebabaza bengaqedi.

Amasango aze avulwa ngesikade emva kokuthi osomabhizinisi abakhalayo sebekhulume nesikhulu esiphethe imali emnyangweni, uMnuz Khothamani Vilakazi.

UMnyango wezeMpilo awuzange uyiphendule imibuzo ethunyelwe.