Izindaba

Kusina kubajeqeza abathinteka ezinhlelweni zokubulawa kukaMagaqa - ummeli

UNksz Nqolokazi Nomvalo ongummeli ozinze eGauteng.|Published

USIBUSISO NCENGWA

Image: Sabelo Nsele

UMMELI UNQOLOKAZI NOMVALO

Image: SITHUNYELWE

UBUFAKAZI kubaSibusiso Ncengwa (37) buvula umnyango wokuthi abasunguli betulo, abaxhumanisi nezinkabi abathinteka ecaleni lokubulawa ngesihluku kukaSindiso Magaqa, owayengusekela-nobhala jikelele wephiko lentsha likaKhongolose, i-ANC Youth League, ngoSepthemba, 2017, babhekane nengalo yomthetho.

UNcengwa ongomunye wabasolwa abane kuleli cala eselidonse iminyaka eyisishiyagalombili, ugeqe amagula ngemuva kwesinqumo sakhe sokulivuma ngenhloso yokuthola ushwele. Ukuvuma kwakhe kuhlakaze amagama ezikhulu zikahulumeni ebezihlonishwa emphakathini, okuveza izinsolo zokuhleleka kobugebengu ngaphakathi kwezinhlelo zombuso.

Enkulumweni yakhe eyashicilelwa njengesitatimende sokuvuma icala ngokweSigaba 220, uNcengwa wembula iqiniso elibuhlungu lokuthi uMagaqa wabulawa ngenxa yokuzinikela kwakhe ekulweni nobugebengu obuhlobene nenkohlakalo ngaphakathi koMkhandlu waseMzimkhulu, ongaphansi kwesifunda saseHarry Gwala. Ucwaningo lwakhe nentshisekelo ayenayo yokulwa nenkohlakalo kwambeka engcupheni ngemuva kokulandela imikhondo ebonisa izinhlelo zokufunjathiswa ezazigqilaza uhlelo lokunikezwa kosokontileka amathuba emisebenzi kanye nokudliwa kwezimali okubikwa ukuthi zazibekelwe ukuthuthukiswa kwezinsiza zomphakathi.

Ngokombiko kaNcengwa, uzungu lokubulawa kukaSindiso Magaqa lwaqhamuka kuMluleki Ndobe owayengusodolobha eHarry Gwala, owazidubula emzini wakhe ngoNovemba ka-2020, kanye noZweliphansi Sikhosana, owayengumphathi woMkhandlu waseMzimkhulu. Lezi zikhulu, ngokusho kukaNcengwa, zazilekelelwa nguMdu Ncalane, isikhulu sezokuxhumana eMkhandlwini waseThekwini nowaziwa nangokubamba iqhaza ebuholini be-ANC esifundazweni saKwaZulu-Natal.

UNcengwa waphinde waveza ukuthi uMdu Ncalane wadlala indima yokuxhumanisa uNdobe noSikhosana kanye nezinkabi, okufaka phakathi yena uNcengwa, uMbulelo Mpofana, uSibonelo Myeza, noMlungisi Ncalane. UNcengwa wabika ukuthi uMdu Ncalane wayengamele ukuhanjiswa kwenkokhelo yokuqala, elinganiselwa ku-R120 000, abayihlukaniselana ngaphakathi. 

Lezi zinsolo zigqamisa ukusebenza kwengalo yomthetho ekuqinisekiseni ukwenziwa kobulungiswa emacaleni wobugebengu obuhleliwe, ikakhulukazi lawo abandakanya ushayasibhamu, umsunguli wetulo, kanye nomxhumanisi. Lokhu kusekelwe yizinhlinzeko zoMthetho i-Criminal Law Amendment Act 105 ka-1997, odla fumuka nasilaza kuhle kwentukuthelo yoThukela uma lungenisa ekujeziseni abanesandla kubudlova obuhleliwe. 

Ngaphandle kwezinhlinzeko zoMthetho iCriminal Law Amendment Act, izinkantolo zaseNingizimu Afrika zibophezelwe ukuhlonipha umgomo wendlela yesinqumo esijwayelekile, lapho izinqumo zenkantolo enkulu ziba yisibonelo esibophezelayo emacaleni afanayo. Izinqumo ezifana noMbuso ubhekene noMgedezi nabanye (1989), uMbuso ubhekene noPule (1995), uMbuso ubhekene noMasilela  (2001), kanye noMbuso ubhekene noThebus nabanye (2003), zigcizelela ukuthi ukukhokha, ukuhlela noma ukutholwa kwezikhali kukhombisa inhloso efanayo nokubulala uqobo.

Ngaphansi komgomo wezomthetho, izinqumo ezinjengezoMbuso ubhekene noPule, uMbuso ubhekene noMasilela, kanye noMbuso ubhekene noThebus, zenza kube sobala ukuthi umuntu ongazange adubule mathupha kodwa owahlela, waxhasa noma waba yingxenye yokuhlela ukubulawa, angabekwa icala lokubulala njengomuntu owenze isenzo uqobo. Lokhu kusho ukuthi uma ubufakazi obufanele bubakhona, uMdu Ncalane noZweliphansi Sikhosana, njengabantu abaphilayo ababalulwe nguNcengwa njengabaxhumanisi nabahleli, bangabhekana nezinsolo ezifanayo zokubulala okuhleliwe ngokwesigaba sokuqala sokubandakanyeka (principal in the first degree). Lokhu kuhlonipha umgomo wokuthi ubulungiswa abukhethi ukuthi ubani odubulile, bukhetha ukuthi ubani owahlela ukuthi kudutshulwe.

Umphakathi kumele ukubheke ngamehlo abomvu ukugwetshwa kukaNcengwa okulindeleke ngoMsombuluko womhlaka-7, ngoba kulandela ukuvuma kwakhe icala lokubulala okuhleliwe, nokusho ukuthi ubufakazi obumelene naye sebuhlolwe yinkantolo enegunya elifanele, enekhono lokusungula isibonelo esibophezelayo (legal precedent). Lokhu kubeka isisekelo esiqinile sokuthi ubufakazi obathathwa njengobuqinile ngokwanele ukuze kube nesigwebo, abunakwenqatshwa noma buthatheke kancane uma busekelwa yisikhungo sabashushisi (NPA) njengobufakazi obuholayo emacaleni abasolwa abasele, okufaka phakathi uMdu Ncalane kanye noSikhosana.

Ngokomthetho, inkantolo kayikwazi ukuziphikisa noma ingayinaki imininingwane eyayiyigunyazile njengobufakazi obuqinile ngesikhathi ithatha isinqumo sokugweba. Lokhu kusho ukuthi uma i-NPA ithatha isinqumo sokusebenzisa ubufakazi bukaNcengwa njengesisekelo sokulandela abanye abasolwa, inkantolo kufanele ibhekane nabo ngendlela efanayo, ngaphandle kokubandlulula noma ukwehlisa isisindo salobu bufakazi.

Ngale ndlela, isigwebo sikaNcengwa akumele sibonwe njengokuqedwa nje kwesahluko saleli cala, kepha singase sibe yisiqalo sokuphonsela inselelo izinhlaka zikahulumeni ukuba zilandele izinkomba ngobuqotho, ukuze ubulungiswa buqhubeke, bungabi yinto edonswa phambili yizizathu zezombusazwe noma ubuholi obunezinhloso zobulwane.