Izindaba

Kushubile i-Eskom ifaka izwe kwisigaba sesithupha

Nonkululeko Nhlapo|Published

ABASE-Eskom basola isiteleka esingekho emthethweni izwe lingena esigabeni sesithupha sokucinywa kukagesi okuhleliwe.

Lokhu kuqinisekiswe ngesitatimende esisatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana. Ngokusho kwaso, isigaba sesithupha sizoqala ngo-4 ntambama ngoLwesibili, kuze kube u-10 ebusuku, bese kuqhubeke isigaba sesibili kuze kuse.

NgoLwesithathu ekuseni ngo-5, kuzoqala isigaba sesine kuze kushaye u-4 ntambama, lapho sekuqhubeka khona isigaba sesithupha futhi.

“Lokhu kungenxa yesiteleka sabasebenzi esingakho emthethweni nesidale ukuthi kube nokuphazamiseka ezindaweni ezihlukene eziphehla ugesi kuleli,” kusho isitatimende.

Umphathi omkhulu wale nkampani, uMnuz Andre de Ruyter, uthe alinganiselwa kwishumi ama-unit awile, kwavuka amabili kuphela.

Amane awakaze avuke nhlobo nokuyiyona mbangela esiholele esigabeni sesithupha. Uthe unethemba lokuthi ama-unit amane azovuka lingakashoni elanamuhla.

Kungokwesibili elakuleli lingena kwisigaba sesithupha sokucima kukagesi okuhleliwe. Okokuqala kwenzeka ngoDisemba 9, ngo-2019.

Isigaba sesithupha sisho ukuthi ugesi uzohamba amahora ayisithupha ngosuku.