ABANTWANA baseNdlunkulu kaZulu sebephumele obala ngokuthi sebezoqala badingide izindaba zesihlalo njengoba sebegezile bakhumula nenzilo.
Lokhu bakuveze esithangamini sabezindaba ebesibizwe esigodlweni kwaKhethomthandayo namhlanje emini.
Ekhuluma uMntwana Nombuso uthe basazohlangana bengabantwana ukuze badingide udaba lwesihlalo sikayise.
“Sibonga ukwesekwa esikhathini esinzima ebesibhekene naso, sibonga nesibhedlela esasinakekela iSilo,” kusho uMntwana uNombuso.
Udadewabo weSilo esakhothama uGoodwill Zwelithi uMntwana uThembi, uphikile ukuthi kunoqhekeko olukhona emndenini kodwa wathi bafuna ukuhambisa izinto ngomthetho waseNdlunkulu.
“Akukho masayidi esikuwona, akudlalwa ibhola la. Sifuna ukwenza izinto ngendlela kungabi bikho lapho esiphambuka khona. Njengoba sesihlambulukile, sesizokwazi ukuqala sicacise ngakho konke,” kusho uMtwana uThembi.
Uqhube wathi into ebibenza bathule bekuwukuthi bebesazilile kodwa kusukela manje, sebezokunekela izwe konke.
Mayelana nokungabibikho kukaMntwana Misuzulu obekhonjwa njengeSilo ngesikhathi kugezwa, abaseNdlukulu bathe akekho owomndeni obengaziswanga.