SEKUPHINDE kwatholwa esinye isiqhumane okusolwa ukuthi siyibhomu eCornubia Mall, eBluckburn, entshonalanga neTheku

SEKUPHINDE kwatholwa esinye isiqhumane okusolwa ukuthi siyibhomu eCornubia Mall, eBluckburn, entshonalanga neTheku. Kamuva nje ziya ngokwanda izigameko zokutholwa kwamabhomu kuleli dolobha, iningi lawo atholwa ezitolo zakwaWoolworths.

NgoMgqibelo ngosuku lweDurban July kwatholwa elinye ibhomu elalibekwe ngaphansi kwemoto eduzane naseGreyville Racecourse.

NgoLwesine ngo-10 ekuseni kutholwe esinye isiqhumane esisolisayo eCornubia Mall, kwadingeka ukuthi kukhishwe wonke umuntu kule nxanxathela yezitolo. Ngesikhathi i-Independent Media izama ukuxhumana nabaphathi beCornubia kuthiwa imenenja uLara Gracie ngeke ikwazi ukutholakala njengoba bekusanesimo sokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uphephile.

“Kukhishwa abantu ngokuphuthuma njengamanje, sicela nisishiye nenombolo yakhe, uzobuyela kuwena. Abantu bayakhishwa kulesi sakhiwo njengamanje, nami kumele ngikushiye,” kusho oyedwa wabasebenzi ocingweni.

Amaphoyisa asefikile endaweni yesigameko.

Okhyulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Vish Naido ukuqinisekisile ukutholwa kwalesi siqhumane esisolisayo. Uthe amaphoyisa azodalula eminye imininingwane uma isitholakele ngokuhamba kosuku.

FUNDA: Amaphoyisa aqhumise ibhomu elitholwe eWentworth

Udaba oluqhubekayo.