Izindaba

Kushube isimo iSadtu eKZN ibhikisha ixosha uNgqongqoshe wezeMfundo

Mhlengi Shangase|Published

UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube Isithombe: Ayanda Ndamane/ Independent Newspapers

UNGENE kwelinye igiya umkhankaso weSadtu KwaZulu-Natal, wokufuna uMnyango wezeMfundo esifundazweni, ufake imali yezikole, kukhokhwe imali yothisha ewuchatha ka-1.5% kanjalo nokubhekelwa ngendlela kothisha bakwa-Grade R, njengoba ichithe uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube, obezama ukukhuluma nothisha.

Amalungu ale nyunyana abhikishe nangaphandle kwehhotela lapho uMengameli Cyril Ramaphosa, abezohlangana khona nezinhlaka ezehlukene izolo.

UNGQONGQOSHE wezeMfundo uNksz Siviwe Gwarube edlana indlebe noMphathiswa wezeMfundo esifundazweni uMnuz Sipho Hlomuka Isithombe:DOE

UNksz Gwarube obesekwe yiPhini lakhe uDkt Reginah Mhaule, abaseThekwini njengoba uRamaphosa ekulesi sifundazwe, bahluleke bancama benxusa amalungu eSadtu ukuthi abalalele.

Kuma-video asabalele ekhasini leFacebook leSadtu, kuvela othisha bembhikishela, baze bamxosha.

UDkt Mhaule ubembambe ngesandla uNksz Gwarube, abeSadtu bala ukhasha bethi abamfuni.

Bagcine beshikila behamba kwasala uMphathiswa wezeMfundo esifundazweni uMnuz Sipho Hlomuka, okhulume nothisha.

Amalungu eSadtu abelokhu emile ekutheni awafuni ukuthi kukhulume i-DA, bathi akaqalise ngomthetho wezikole iBela.

UMPHATHISWA wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka ekhuluma namalungu eSadtu abebhikisha izolo eNsimbini Isithombe:DOE

Laba baholi bebezohlola ukwakhiwa kwesikole esizogxila ezifundweni zeMaritime eThekwini.

UHlomuka kwenye yama-video uthe uyazazi izinkinga zothisha.

Uthe bayazilungisa lizinkinga wathi bazobika nakumengameli.

UDkt Mhaule kwenye yama-video uveze ukuthi izinkinga zaseKZN ziyasukunyelwa, abazizibile.

Naye ubalule ukuthi bazobikela umengameli ngoba yizinto abayisukumelayo.

Kuleli sonto abaholi bale nyunyana bavalele izikhulu zomnyango, kwasa emnyango bekhala ngezinkinga.

Ekhuluma namalungu enyunyana unobhala weSadtu uNksz Nomarashiya Caluza, uchazele amalungu ngezinto umnyango athe uyazenza ngemali njengoba uhlale ukhala ngezinkinga.

Uthe umnyango ufana nento ewe bhu phansi uma izinto zinje.

“Umnyango uwe bhu uma izinto zinje. Ibambe ngakho ngale mibhikisho maqabane, akumele siyiyeke. Asiphazamisi ukubhalwa kwezivivinyo zamanye amabanga kanjalo nezika-matric,” kusho uNksz Caluza.

Uthe bafuna ukuhlangana noMqondisi jikelele kazwelonke uMnuz Mathanzima Mweli, babeke izinkinga zabo kuyena.

Phambilini umnyango wesifundazwe wathi umatasa nemizamo yokuthi kulungiswe isimo ngokuxhumana nomgcinimafa ngezinkinga zemali.