Izindaba

Kushone oyedwa kweyeloli nebhasi kuM25

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kushone oyedwa kweyeloli nebhasi kuM25

Image: Sithunyelwe/ ALS PARAMEDICS

*Kushone oyedwa, kwalimala abangamashumi amathathu nanhlanu engozini KwaMashu, ngaphambi nje kuka-7 ekuseni.

Abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS bafike kule ndawo bathola isimo esibi kakhulu kule ngozi ebandakanya iloli nebhasi emgwaqeni onguthelawayeka u-M25 KwaMashu ngaphambi komgwaqo uDuffs. Kusolwa ukuthi iloli ebelihamba libheke ngaseThekwini umshayeli wahluleka ukulilawula laphaphalaza lawela phakathi nendawo lashayisa ibhasi.

 

Kushone umshayeli weloli kwalimala kabi abanye abaningi

Image: ALS PARAMEDICS

Kusetshenziswe ama-ambulensi amaningi ukuhlenga abalimele endaweni yesigameko ngaphambi kokuba  bahanjiswe ezibhedlela ezahlukene zaseThekwini. Ngebhadi umshayeli weloli owesilisa okukholakala ukuthi uneminyaka engamashumi amahlanu ubudala utholwe evaleleke kule ngozi elimele kakhulu, akukho abezimo eziphuthumayo abebengamsiza ngakho kwabe sekumenyezelwa ukuthi ushonele endaweni yesigameko.

Kuphazamiseke kakhulu ukuhamba kwezimoto kule ndawo.