UNKSZ Zama Kheswa oshone ngesikhathi kugingqika imoto ebebehamba ngayo beyogeza emfuleni ngoMgqibelo Isithombe: Sithunyelwe
USUKU lokujabula luphenduke olwezinyembezi ingoduso igingqika nemoto kwashona izintombi ezimbili ebezizoyisinisa, oSindisweni, ngaseVerulam, ngoMgqibelo.
UNksz Welile Buthelezi obekumele emuliswe kuphinde kulethwe izibizo zakhe, uginqeke nemoto eyiveni abeyishayela ehamba nezintombi beyogeza emfuleni uMdloti, entathakusa ngawo uMgqibelo, kwashona uNksz Zama Kheswa (28) obehola izintombi noSnenhlanhla Mthethwa (14).
NgoLwesine, kufe inkomo yomemulo ebizohlatshwa, kwabuye kwathengwa enye.
Uyisemkhulu kaNksz Kheswa, uMnuz Gamelihle Kheswa, futhi oyinduna kule ndawo, uthe ufe olwembiza ngokushona komzukulu wakhe obese kunguyena “umama” wekhaya lakhe njengoba ashonelwa unkosikazi.
"Ubekwazi ukubona ukuthi yini edingekayo, namhlanje angazi ngizokwenjani," kukhala uKheswa.
Uthe umzukulu wakhe uhambe ngoLwesihlanu ezobuya ngoMgqibelo, sekuphele umcimbi.
"Ngimangele uma sekungqongqoza omunye umzukulu wami ethi angivule entathakusa. Ngiqale ngacabanga ukuthi uyena kodwa ngazibuza ukuthi akavuli ngani ngoba unawo ukhiye wakhe. Ngitshelwe ukuthi imoto ebebehamba ngayo ibandakanyeke engozini balimala, ngangena endlini ngithi ngiyogqoka ukuze ngiye esibhedlela.
“Umzukulu uthe angisale, uzohamba yena aye esibhedlela. Ngixakekile ukuthi kungani manje kuthiwa angisale kodwa ngamcela ukuthi akangitshele iqiniso, wavele wakhala, washo ukuthi uZama akasekho. Kuvele kwaduma ikhanda, ngangazi noma ngiyaphuma yini," kusho yena.
Uthe ngokwazi kwakhe bekungafanele uNksz Buthelezi azishayelele imoto futhi yena wazi ukuthi izintombi ziye zihambe ngezinyawo, zihambe zicula.
"Ngoba sekwaba khona izimoto bekungamele kuze kuphunywe ekhaya entathakusa ngo 3. Ngalokho, angisho ukuthi beyingeke yenzeke ingozi ngoba ingozi, yingozi. Umfula ebebeya kuwo unezigigaba, kuyingozi ukungena kuwo kusemnyama," kusho yena.
UNksz Buthelezi uthe uyazi ukuthi bekungamele azishayelele imoto, ubehlelile ukuthi izoshayelwa ngubani imoto kodwa bonke abebacelile bebengekho, wase ebona ukuthi akazishayelele ngoba ebona isikhathi okumele aphume ngaso ekhaya sesishayile.
Ephawula ngesikhathi ahambe ngaso uthe: "Akumele nibonwe ngabantu uma niyogeza umcako, ingakho sihambe entathakusa futhi besingeke singene kule ngxenye yomfula evulekile," kusho uNksz Buthelezi.
Uthe akasakhumbuli ukuthi ingozi yenzeke kanjani, akukhumbulayo ukuthi amabhuleki emoto akabange esasebenza kanti umgwaqo uyehlela.
"Angazi ukuthi ngiphume kanjani, ngiphaphame nje izingane ebengihamba nazo zigquma ngenxa yezinhlungu. Ngeke ngiphinde ngikukhohlwe engikubonile ngendlela izingane zabantu ebezilimele ngayo. Sisizwe ukuthi imoto ibanjwe isigxobo, ngabe kwenzeke okukhulu," usho kanje.
UNkk Ntombifuthi Mthethwa unina kaSnenhlanhla, ofunda uGrade 8 eSacred Heart Secondary, uthe bekungokwesithathu ingane yakhe ihamba nezinye izintombi.
"Bengithe kuye angeke ngiye emcimbini ukuyombuka ngoba uzobhimba, wangincenga wathi uzongimangaza. Ungimangazile ngempela ngendlela ashone ngayo. Kunzima nokwamukela," kukhala uNkk Mthethwa.
Okhulumela amaphoyisa, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe kuphenywa icala lokubulala ngokungenhloso eNdwedwe.