KUSHONE izicishamlilo ezintathu kwaphuthunyiswa esibhedlela abasebenzi abathathu boMnyango wezeMpilo eGauteng izolo ngesikhathi kusha ibhilidi likahulumeni enkabeni yeGoli.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kweNgqalasizinda eGauteng, uMnuz Jacob Mamabolo, ukuqinisekisile ukushona kwezicishamlilo wathi esinye siwe sisuka esitezi sika-23 ebhilidini ebelisha ngabo-11 izolo ekuseni.
UMMC (Member of Mayoral Committee) wezokuPhepha kuMasipala waseGoli, uMnuz Michael Sun, uthe izicishamlilo ezimbili bezivaleleke ebhilidini ngesikhathi zishona.
Uthe eziyisishiyagalombili ziphuthunyiswe esibhedlela zinamanxeba okusha kwathi esisodwa salashelwa ukukhathala.
UMamabolo uthe ibhilidi ebelisha belingayilandeli imithetho yezokuphepha nezempilo.
I-DA eGauteng ithe kufanele kube nophenyo olunzulu ngalesi sigameko.
UMnuz Jack Bloom, okhulumela iDA kwezeMpilo eGauteng, uthe kade babebuza uhulumeni ukuthi kungani ufaka abasebenzi emabhilidini angaphephile kodwa
bezitshwa.
“Kuyasikhathaza ukuthi kuze kwehla isigameko esinjena ngoba kudala abasebenzi bekhala ngezokuphepha nempilo nathi simtshela uhulumeni kodwa singalalelwa. Angazi sekuphele iminyaka emingaki ngibuza ukuthi ngelikabani leli bhilidi ngingaphendulwa. Sifuna kube nophenyo olunzulu ngalesi sigameko,” kusho uBloom.
Khonamanjalo kube nesiminyaminya emgwaqweni uN3 phakathi koMgungundlovu neTheku ngesikhathi kuba nengozi ehlanganisa izimoto ezimbili neloli.
Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo bekuleya ndawo kodwa abaqinisekisanga ukuthi kukhona asebeshonile yini.