KUSHONE isiguli kwalimala abangu-18 ngesikhathi kugingqika ibhasi loMnyango wezeMpilo ebelithwele iziguli ziyiswa esibhedlela saseMnambithi izolo ekuseni.
Ibhasi ligingqike emgwaqweni uR600 phakathi kwaseMnambithi naseWinterton. Kuthiwa likhalakatheke emhosheni, kwaphoqeleka ukuba iziguli zitakulwe abezimo eziphuthumayo besebenzisana namaphoyisa.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo KwaZulu-Natal uMnuz Robert McKenzie ukuqinisekisile ukuthi leli bhasi belithwele iziguli liya esibhedlela ngesikhathi kuvela ingozi.
“Kulimale iziguli ezingu-18 kwashona esisodwa, kade zihanjiswa yibhasi lomnyango esibhedlela. Abasindile sibalaphile baphuthunyiswa esibhedlela,” kusho uMcKenzie.
Le ngozi itatazelise abezimo eziphuthumayo abehlukene njengoba noMnuz Russel Meiring wakwa-ER24 ethe babizwe ngabo-8.30 ekuseni.
Uthe bafice abanye abantu abaningi beseceleni komgwaqo, abanye besengaphakathi ebhasini.
Kuthe sekuhlolwa kwatholwa isidumbu sowesifazane okukholakala ukuthi uneminyaka engu-30, eduze kwebhasi.
“Akukho ebesingasiza ngakho lo wesifazane ngoba ubesevele eshonile,” kusho uMeiring.
UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uthe usalinde imininingwane egcwele ngengozi ngesikhathi uthintwa izolo.
Khonamanjalo, kushone owesilisa kwalima abangu-17 okubalwa kubo nezingane zesikole kushayisana iveni neloli emgwaqweni uFrance ngaseMbali, eMgungundlovu, izolo.
Kudingeke abezimo eziphuthumayo kutakulwa iziguli ezilimale kuginqika ibhasi leziguli ziyiswa esibhedlela saseMnambithi izolo ekuseni
Abezimo eziphuthumayo be-ER24 nabanye bafike endaweni yengozi ngo-8 ekuseni bafica iloli neveni phakathi nomgwaqo.
Izingane ebezigibele iveni zitholwe zilimele.
Owesilisa okukholakala ukuthi uneminyaka engu-40, utholwe eseshonile evaleleke ngaphakathi evenini.
Kusolwa ukuthi lona oshonile ubengumshayeli weveni.
Izingane ezilimalile zineminyaka ephakathi kuka-7 no-18. Abezimo eziphuthumayo bathe izingane zithole imihuzuko kodwa ziyiswe ezibhedlela eziseduze ukuyothola okunye ukwelashwa.