KUSHONE abantu abawu-14 engozini yetekisi namaloli amabili ku-N3 ngase-Estcourt, KwaZulu-Natal, ngoMsombuluko ebusuku.
Ngokombiko wabezimo eziphuthumayo, abawu-13 kwabashonile abantu besifazane.
Okhulumela iKZN Emergency Medical Service, uMnuz Robert McKenzie uthe le ngozi yenzeke phakathi kuka-9 no-10 izolo ebusuku.
Uthe bonke abashonile bebehamba ngetekisi kanti abashayeli bamaloli baphume bengenamyocu.
“Oyedwa otholwe elimale kanzima uphuthunyiswe esibhedlela. Okwamanje asikayazi imbangela yengozi kodwa amaphoyisa ayaphenya.”