SIYE koshicilela kusathungathwa umshayeli weloli okusolwa ukuthi yilona elidale inhlekelele yengozi okushone kuyo abantu abangu-13 okubalwa nengane engakazalwa kwasinda abahlanu.
Le ngozi yenzeke KwaChakide, ngaseWartburg, ngaphandle kwaseMgungundlovu izolo ekuseni.
Ingozi ibandakanya amaloli amabili, iveni netekisi. Kuthiwa iloli elihlulekile wukuma emgwaqweni ongenela ku-Old Greytown, iyona eholele ekutheni iloli elidonsa izinqola ezimbili ebelithwele udizili nophethroli liphaphalaze lihudule itekisi ibangana.
Abashonile kuvele ukuthi bebegibele itekisi beya emsebenzini nasezikoleni.
Kwabashonile kuthiwa kunezingane zesikole ezimbili.
Ozibonele ingozi nocele ukungadalulwa uthe bekunenkungu ekuseni.
“Iloli ebeliqhamuka ngaseWartburg lizongena ku-Old Greytown Road, alizange lime lapho kunophawu lokuma khona. Iloli likadizili ebeliqhamuka ngaseMgungundlovu lizame ukugwema leli loli kanti lizowuka itekisi ngesinqa. Itekisi beliya ngaseMgungundlovu. Iloli libe selihudula itekisi ibangana, kwabe sekusaphazeka abantu begcwala umgwaqo,” kusho ozibonele.
Uthe iloli elidale ingozi libe selijika labaleka libuyela ngaseWartburg.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele uthe bayamthungatha umshayeli weloli obalekile.
“Ingozi yenzeke ngabo-7 ekuseni, kushayisana iloli, iveni netekisi kuR33. Kushone 13 wabantu kubalwa ingane engakazalwa. Sisathole ukuthi kuneloli elingazange lime ladala ingozi. Umshayeli walo ube esebaleka. Kumanje ufunwa ngamaphoyisa. Kuvulwe amacala okushayela budedengu, elokuhluleka ukuma emuva kwengozi, nawokubulala ngaphandle kwenhloso,” kusho uCol Mbele.
UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Ntuli, izolo uhambele indawo yesigameko.
“Umoya wami uphuke kakhulu emuva kokuthola umbiko ukuthi kwenzeke inhlekelele kulo mgwaqo uR33 noR614.
“Kwenzeka lokhu silungiselela ukuba sibe nenyanga eqwashisa ngokuphepha emgwaqweni ngo-Okthoba. Sifuna kuphenywe ngale ngozi. Sithi dudu emindenini yabashonile. Kulaba abahlanu abalimele siyathemba odokotela bazobasiza balulame,” kusho uNtuli.
Owezicishamlilo kuMasipala uMsundizi, uMnuz Lincoln Pennells, uthe le ngozi ingenye yezinkulu asake wayibona eminyakeni engu-38 enza lo msebenzi.
“Kusetshenzwe kakhulu kule ngozi njengoba besinovalo lokuthi kungenzeka kuqhume iloli elithwala udizili nophethroli njengoba belilele ngohlangothi. Abashonile bebesaphazeke umgwaqo wonke, kukhona nabangaphansi kweloli, abanye bevaleleke phakathi etekisini. Iningi labantu linamalunga omzimba abehlukene nezudumbu. Kube nzima kakhulu ukuzama ukukhuculula indawo yesehlo,” kusho uPennells.
Unina wengane okuthiwa ubezithwele Isolezwe lithole ukuthi uhlukane phakathi, ingane yaziphumela.
Amalungu kasoseshini waseMpolweni i-United, akhale kakhulu ngabasabalalise ama-video ezinkundleni zokuxhumana, kuvela abantu besaphazekile, abanye belimele kakhulu bekhala.