KUSHONE abantu abathathu kwalimala abawu-8, okubalwa kubo nezingane, kuginqika iveni ku-N12 ngaseKimberly namhlanje ntambama.
Abezimo eziphuthumayo be-ER24 babizelwe endaweni yesigameko ngo-1.10 lapho bafike sekukhona amaphoyisa eSAPS.
Iveni lificwe lihlezi ngesayidi eceleni komgwaqo, abagibeli belele eduzane nalo.
Ngemuva kokuhlaziya isimo abezimo eziphuthumayo bathole abesifazane ababibili nomfana osemncane sebephangalele.
“Abanye abawu-8 balashelwe endaweni yesigameko. Owesilisa oyedwa ulimale kanzima kanti ubesesimeni esibucayi,” kusho isitatimende se-ER24.
Owesilisa obesesimeni esibucayi uhlengwe ngobuchwepheshe be-advanced life support ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.
Khonamanjalo, usesimeni esibucayi owesilisa oneminyaka ewu-65 owe ebhulohweni wathanqazeka emgwaqeni uN3, e-Ashburton, KwaZulu-Natal ngoLwesithathu ekuseni.
Abe-ER24 bamufice elimele kanzima emlenzeni, walashelwa emgwaqeni ngaphambi kokudluliselwa eMediclinic, eMgungundlovu.