KUMUNCU emndenini waKwaMashu esigcenemi kwaJ okubhubhe kuwo amalungu amathathu ngesikhathi kungqongqa umuzi ngoLwesibili emini.
Kulesi sehlo kushone uNksz Fikelephi Mzimela (64), Nksz Mbali Mzimela (28) no-Emihle Nyembe (4).
Ayaziwa imbangela yomlilo obusha ubuhanguhangu kulo muzi ongamagumbi amane okuthiwa kwenzeke ngo-3 emini.
Kuthiwa uNksz Mzimela (Fikelephi) uphelele emlilweni kodwa omakhelwane bakwazi ukukhipha uNksz Mzimela (Mbali) no-Emihle abagcine beshonele esibhedlela ngo-7 ebusuku.
Okhulumela umndeni ophinde abe ngumkhwenyana wakhona, uMnuz Njabulo Makhathini uthe umlilo uthathe imiphefumulo yabantu abebemise ikhaya njengoba sekusele izingane ezincane.
UMakhathini uthe abayazi imbangela yomlilo oshe ubuhanguhangu kungazelele muntu kanti okubi kakhulu okuyibona bantu abebengachaza ngawo abasekho emhlabeni.
Ulandise ngokuthi omakhelwane abebematasa besiza bagcine bekwazile ukukhipha ababili abagcine beshonela esibhedlela.
Njengamanje uthe isimo simuncu ekhaya abazi nokuthi bazothathani bahlanganise nani ngoba uMbali kuphela obetohoza.
“Umuzi ushe wonke nayo yonke into ebiphakathi njengamanje samukela abazobhonga emswaneni emzini ongumakhelwane esihlobene nawo. Eqinisweni nje le nto eyenzekile ayixoxeki ibuhlungu ngendlela engachazeki,’’ usho kanje.
Uthe isimo sibi ngale ndlela yokuthi abazi nokuthi abashonile bazongcwatshwa ngani.
Ikhansela lendawo uMnuz Muzi Shezi uthe uMbali ubefana nengane yakhe njengoba kade esebenza ehhovisi lakhe esiza umphakathi ngezidingo zawo.
Uthe ayikaziwa imbangela yomlilo futhi abathandi ukuqagela.
Ukuvezile nokuthi umasipala uzongenelela ukuze ulekelele umndeni koshoda ngakho njengoba uyaye wenze ezigamekweni ezifuze lesi.
"Uphiko olubhekelele imililo nezinhlekelele luzophenya ngokube iyona mbangela yomlilo okwamanje asifuni ukuqagela. Esikwazi ukuthi bebebathathu abantu abebesendlini ngesikhathi kusha ngeshwa bashonile," kusho uShezi
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele uthe kuvulwe idokodo ngokufa kwabantu. Ubalule ukuthi kuze kube manje ayaziwa imbangela yalo mlilo.
UCol Mbele uthe kusolakala ukuthi owesifazane oneminyaka engu-64 ushiswe umlilo washona endlini esemgwaqweni uMthombe KwaMashu.
“Amanye amalungu amabili alo mndeni ashe kanzima aphuthunyiswa esibhedlela lapho efike ashonela khona ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uCol Mbele.