KUSHONE abagibeli ababili nomshayeli, kushayisana izimoto ezimbili kuN2, ngaseMthunzini ngeSonto ebusuku.
Kuthiwa ngenkathi ithimba labezimo eziphuthumayo lifika endaweni yesigameko, lifice abantu abathathu abebevaleleke kwenye yalezi zimoto, ebiboqoke yaphela.
Kuthiwa enye yezimoto ingene kwebihamba phambi kwayo.
Okhulumela abe- IPSS Medical Rescue, uMnuz Paul Herbst, uthe basola ukuthi ukushayisekak kwemoto ebingemumva yikho okuholele ekutheni kube nelangabi eligcine ngokuyingqongqisa.
Uthe ithimba labo lifike esigamekweni sebeshonile abantu elibatakule emotweni.
“Kuphoqeleke ukuthi ithimba lisebenzise izindlawu ngesikhathi litakula isidumbu samshayeli nabagibeli ababili abebevaleleke kwenye yalezi zimoto. Umshayeli obesemotweni yesibili sifike engasekho endaweni yesigameko,” kubeka yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele usiqinisekisile isigameko sokushona kwabantu abathathu.
“Kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso. Amaphoyisa asaphenya.”