MBALI KHANYILE
KUSHONE abantu abangu-14 ngokudutshulwa ezigamekweni ezehlukene ngoLwesihlanu ebusuku, eRichmond, naseNanda.
Esigamekweni esenzeke eSigcakini, eRichmond, kuthiwa abashonile bahlaselwe ngamadoda angaziwa, emzini okusolwa ukuthi ubusetshenziselwa ukudayisa izidakamizwa.
Kubikwa ukuthi amaphoyisa aphuthume endaweni yesigameko emva kokuthola umbiko komakhelwane, bawabikela ukuthi bezwe kuqhuma izibhamu ngabo- 9 ebusuku. Balinganiselwa eminyakeni esuka ku-15 kuya ku-41, abashonile. Oyedwa wabo kuthiwa bekungowesifazane oneminyaka engu-17.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe amaphoyisa aseRichmond, aphenya amacala ayisishiyagalombili okubulala namabili okuzama ukubulala.
“Kunxuswa abangase babenolwazi nabangalekelela ekuxhumaniseni amaphoyisa nemindeni yababulewe, bawathinte kwinombolo ethi: 08600 10111,” kubeka uBrig Naicker.
Esigamekweni sangoLwesine ntambama eMawoti, eNanda, kudutshulwe kwabulawa abayisithupha, ngabasolwa abathathu abebehamba ngeloli. Kubikwa ukuthi abasolwa okuthiwa bebesebenzisa izidakamizwa behamba ngeloli, bavulele ngenhlamvu bebhekise kwabashonile abalinganiselwa eminyakeni engu-17 kuya kwengu-26.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe : “Amaphoyisa aphenya amacala ayisithupha okubulala.”