Kushone abahlanu kushayisana imoto encane netekisi ngeSonto eFolweni.
Kushone abahlanu kushayisana imoto encane netekisi ngeSonto eFolweni.
IZIHLOBO zikaMnuz Thabiso Njapha oshone engozini yemoto kuM35 eFolweni ngeSonto, udadewabo uNksz Sifumene noNksz Sinanelo Njapha bechaza ngokushona komfowabo 
Isithombe: Doctor Ngcobo/African News Agency(ANA)
IZIHLOBO zikaMnuz Thabiso Njapha oshone engozini yemoto kuM35 eFolweni ngeSonto, udadewabo uNksz Sifumene noNksz Sinanelo Njapha bechaza ngokushona komfowabo 
Isithombe: Doctor Ngcobo/African News Agency(ANA)
Simon Njapha
Simon Njapha
Mondli Khuzwayo
Mondli Khuzwayo
Ntsiko Ndlela
Ntsiko Ndlela
Thabiso Njapha
Thabiso Njapha
BEBENGAHLUKANI abangani abashone ngesikhathi imoto ebebehamba ngayo ishayisana netekisi eFolweni, bephuma ebumnandini ngeSonto.

UMnuz Ntsiko Ndlela, isihlobo sakhe uMnuz Mondli Brian Khuzwayo (Ndlela) (24) noMnuz Thabiso Njapha (25) baseMphushini, eFolweni, abesifazane ababili abangaziwa okuthiwa bebebagibelisile bashone endaweni yesigameko. Owesifazane wesithathu ongaziwa usesibhedlela noMnuz Nhlanhla Njapha.

Kuthiwa bebephuma kozijabulisa ezindaweni ezehlukene zobumnandi eThekwini sebebuyela ekhaya ngesikhathi kwenzeka ingozi.

Udadewabo kamufi, uNksz Sifumene Njapha uthe abashonile bebengamathe nolimi.

“Umfowethu uhambe ngoMgqibelo ekuseni waya kwamakhelwane. Bahambe ngemoto saze safona simbuza ukuthi ukuphi ngoba kumele ngabe uyabuya ngoba uyangena emsebenzini. Safona saze sayeka ngoba sibona engabuyi. Kwasixaka lokho ngoba ubengeyena nomuntu okhonze ukuhamba izindawo zobumnandi, ubesaba ukugibela imoto eshayelwa wumuntu ophuzile. Uma ehambile yena ubengaphuzi bese eshayela imoto uma sekubuywa,” kusho udadewabo.

Omunye udadewabo uNksz Sinanelo Njapha, uthe kukhona umuntu owafaka isithombe semoto kwiWhatsApp, ethi kumele kukhulekwe ngoba umgwaqo uM35 unezingozi eziningi.

“Saxoxa ngibuza ukuthi ingozi eyenzeke kuphi, wachaza. Ngaleso sikhathi angazi ukuthi kanti leyo moto ibihamba abantu engibaziyo. Akuphelanga isikhathi eside kwafika omunye umakhelwane ethi imoto ebebehamba ngayo ibe sengozini, washo indawo efanayo nohlobo lwemoto. Ngabuyela kuso isithombe ngamkhombisa, wathi yiyo. Sasuka ngaleso sikhathi saya endaweni okwenzeke kuyo ingozi safika sebemboziwe, sebeshonile,” kusho omunye udadewabo.

Uyise kaNjapha, uMnuz Simon Njapha ohola impesheni, uthe kusaphithene ikhanda ngokuthi uzokwenzenjani ngomngcwabo wendodana ngoba ukufa kumfice engazelele.

“Kuyaziwa ukuthi ukufa kuyofika, inhlekelele enje besingayilindele sobabili nomakhelwane wami sesisempeshenini asikazi ukuthi sizokwenzenjani,” kusho uNjapha.

UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda, uthe kuyadabukisa ukuthi ngempelasonto kushone abantu abangu-30 ezingozini ezehlukene ezenzeke esifundazweni.

Emgwaqweni uR33 phakathi kwePomeroy neDundee ngoMgqibelo, kushone izintombi eziyisithupha nomshayeli kugingqika itekisi ebezihamba ngayo maqede yagqamuka amalangabi. NgeSonto kushone abahlanu kuM35 eFolweni. Ngalo futhi iSonto kushone abayisithupha abebesebhasini liphuma emshadweni eLouwsburg. Kuthiwa umshayeli uhluleke ukulilawula ngesikhathi ezama ukunciphisa ijubane ngoba beselidondela ngasebhulohweni. EMakhobeni, eBelgrade ngeSonto, izimoto ezincane zishayisene mahlanze kwashona abebegibele kuzo abahlanu kuhlanganisa nomshayeli wemoto eyodwa.

“Ezinye zalezi zingozi bezingagwemeka ukube bekulandelwe imithetho yomgwaqo. Abacwaningi bophiko lwamaphoyisa lwakwa-forensics seluqalile ukucwaninga ngezimbangela zalezi zingozi,” kusho uKaunda.