ISHAQEKILE imindeni kushona amalungu ayo amane eshaywa ugesi ngesikhathi isigxobo sokuvika umphezulu abebesikhipha sithinta intambo kagesi, esigamekweni esenzeke Ezihlokweni, eMatimatolo, ngaseGreytown, ngeSonto ntambama.
UMnuz Fisokuhle Sibiya (28), uMnuz Muntukay’boni Sibiya (45), uMnuz Sulukwenza Bombo (46) noMnuz Sandile Mkhize (27) bashaywe ugesi bashonela endaweni yesigameko kwathi abane abebesebenza nabo bangeniswa esibhedlela iGreytown okukhona kubo nenhloko yekhaya yakwaSibiya.
Okhulumela umndeni wakwaSibiya, uMnuz Mondli Sibiya elandisa Isolezwe ngokwenzekile, uthe ubaba wekhaya obefikile osebenza eGoli uMnuz Kwenzakufani Sibiya, ucele abebesegcekeni ukuthi bamsize bamkhiphise induku yokuvimba izulu ekhala ngokuthi isondele kakhulu esibayeni njengoba kuthiwa ubesabela ukuthi uma izulu liduma ingase idonse umbani kulimale imfuyo yakhe.
“Ngenxa yobude nokusinda kwenduku, kube sekucelwa nakomakhelwane ukuthi basize ngokubabambisa yona. Ngesikhathi bezama ukuyikhipha ibasindile yawela entanjeni kagesi, ngenxa yokuthi iyinsimbi ugesi wagijima ngayo walimaza bonke abebeyibambile,” kusho uSibiya.
UMNUZ Sandile Mkhize
UMNUZ Fisokuhle Sibiya
Kulesi sigameko okushone kuso amalungu amabili omndeni wakhe, uSibiya uthe lesi sigameko sibathuse kakhulu bengumndeni kangangoba naye ubaba wekhaya nabanye basesimeni esibucayi esibhedlela emuva kokulimala kanzima.
UNksz Ntombi Bombo okhulumela umndeni wakaBombo, uthe bashaqekile ngalesi sehlo esehlele umfowabo naye ongomunye wabashone kulesi sigameko.
IMeya kuMasipala waseMvoti uMnuz Thami Ngubane obevakashele le mindeni izolo ukuzobhonga emswaneni, uthe bazolinda ukuthi amalungu emindeni eshonelwe ahlangane ukuze umasipala ulekelele lapho le mindeni idinga ukulekelelwa khona.
“Siphatheke kabi kakhulu ngalesi sigameko. Siyile ukuyobhonga emswaneni sidlulise namazwi enduduzo futhi sizimisele ukulula isandla ukulekelela lapho singalekelela khona,” kusho uNgubane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, usiqinisekisile lesi sigameko.
“Amaphoyisa esiteshini eMatimatolo avule idokodo ngokufa kwabantu, nembangela yesigameko,” kusho uColonel Mbele