KUKHUNGATHEKE omakhelwane nemindeni kudutshulwa kubulawa umnikazi wesitolo enamakhasimende kubukwa ithelevishini ngoLwesithathu e-Elandskop maphakathi neKwaZulu-Natal.

Kulesi sigameko kushone abantu abane, kwalimala kanzima oyedwa.

Ngokwamaphoyisa, umnikazi walesi sitolo ubebuka ithelevishini namanye amakhasimende ngabo-8 ebusuku.

Kuthiwa kungene abantu abangaziwa, bavele bavulela ngenhlamvu, base bebaleka.

Laba basolwa abangakaziwa kuthiwa bangene nezicabha bangabuza lutho bavele bavulela ngenhlamvu.

Kuvela ukuthi izidumbu zalaba abadutshuliwe zithathwe ngamaphoyisa emagcekeni akuleli thilomu KwaNgobeni.

Phakathi kwabashonile kubikwa ukuthi bekukhona umnikazi wesitolo namakhasimende amathathu amabili kuwona ahlobene ngokwezibongo.

Lesi sigameko sishaqise abaningi njengoba kuthiwa asikakaziwa nesizathu esiholele ekutheni kubulawe laba bantu.

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asiqinisekisile lesi sigameko aveza ukuthi laba ababulewe baphakathi kweminyaka engu-27 kuya ku-60 ubudala.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, * -Colonel Thembeka Mbele, uthe: “Amaphoyisa ase-Amangwe aphenya amacala amane okubulala. Abasolwa bakhahlele isicabha bangena kubukwa ithelevishini badubula maqede babaleka ngaso leso sikhathi."

Imindeni yabashonile yenqabile ukuphawula kwabezindaba ngalesi sigameko. Bathe okwamanje abakakulungeli ukukhuluma ngendlela abasathuthumela ngayo ngalesi sehlakalo.