KUSHONE abane engozini yomgwaqo eyenzeke eRamsgate, ngesikhathi kushayisana izimoto ezintathu ngoMgqibelo.
Le ngozi yenzeke kuN2 ngabo-4 ntambama.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, uthe kuphenywa amacala amane okubulala ngokungenhloso.
“Kube nengozi ebandakanya izimoto ezintathu eRamsgate. Kushone abantu abane endaweni yesigameko. Amaphoyisa aseMargate aphenya amacala amane okubulala ngokungenhloso,” kusho uColonel Mbele.
Kwenzeka le ngozi nje, ngeledlule kushone abangu-16 oLundi, ngemva kokushayisana kweloli netekisi kwagqamuka umlilo, basha.
Le ngozi ilandela eyenzeke e-Underberg lapho kwashona abomndeni owodwa abangu-13. Nayo ilandela eyenzeke ngenyanga edlule KwaChakide, ngaphandle kwaseMgungundlovu, okwashona abantu abangu-13 abebehamba ngetekisi eyashayisana neloli.
Khonamanjalo, amaphoyisa aseHilton ngaphandle kwaseMgungundlovu aphenya icala ngokushona kwababili abaphahlazeke nendiza ngoMgqibelo.
“Umshayeli wendiza oneminyaka engu-58 nobegibele oneminyaka engu-60, baphahlazeke nendiza eHilton, eduze naseHilton College. Amaphoyisa aseHilton avule idokodo ngokushona kwabantu,” kusho uColonel Mbele.