BASHE bangqongqa esitolo abafundi bandawonye abebeyotapa ukudla esitolo saseSave eDalton ngaphandle kwaseMgungundlovu.
Abafundi uSphumelele Sithole (19) , nomzala wakhe omncane kunaye uLuyanda Dlamini baseBhelini eMtulwa, ngaseDalton, bashone ngoMsombuluko.
USphumelele ubefunda uGrade 12 eMphelandaba High eKhamanzi, uLuyanda efunda eMzikawuthandwa High, akutholakalanga ukuthi ubefunda liphi ibanga.
Ngokuthola kweSolezwe bahambe nabanye abantu beyotapa ukudla ezitolo.
Kuthiwa isitolo sigcine ngokusha, laba bobabili kuthiwa akuqondakali ukuthi yini eyenze bavaleleka ngaphakathi esitolo basha bangqongqa. Kuthintwa isihlobo sabo uNkszNoko Dlamini, ukuqinisekisile ukuthi izingane zakubo zishone kulesi sigameko esenzeke ngoMsombuluko.
“Indaba bengingakayizwa kahle ngoba bengingakafiki ekhaya, sithole ukuthi bashe esitolo, ngoMsombuluko. Kuthiwa bebeyofuna ukudla,” kusho uNksz Dlamini.
Kuthintwa unina ka-Luyanda, uNksz Zipho Dlamini, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa izolo.
Umndeni wabashonile uveze ukuthi uphatheke kabi ngokwenzekile.
“Siphatheke kabi ngokubavelele, kubuhlungu ngoba izingane ebezisafunda” kusho uNksz Dlamini.
Isolezwe lithole ukuthi abazali bebengenalo ulwazi lokuthi laba bafundi baye eDalton bayotapa ukudla ezitolo.
Kwenzeka lesi sigameko nje umbiko wamaphoyisa uveze ukuthi bangu-72 asebeshone ezigamekweni zemibhikisho yokutapa ukudla nokushisa izitolo.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uColonel Brenda Muridili uthe abakhulumi ngesigameko ngasinye kodwa baletha imibiko ngokwenzekayo.
“Bangu 1234 asebeboshiwe kulezi zigameko zemibhikisho, kwashona abangu-72. KwaZulu-Natal kushone abangu-27, kulabo kubalwa abangu-14 ababulewe, abangu-13 okuvulwe amadokodo ngokushona kwabo (abaningi babo bacindezelekile noma balimala ezitolo obekutatshwa kuzo ukudla). EGauteng bangu-45, kubalwa u19 obulewe nabangu-26 okuvulwe amadokodo ngokushona kwabo,” kusho uMuridili esitatimendeni esikhishwe amaphoyisa ngoLwesibili ebusuku.