KUSHONE amadoda amabili, kwalimala abathathu ngoLwesibili ngemuva kokuthi iloli abebehamba ngalo lishayise isitamkoko emgwaqweni uP197, eMkhomazi.
Ngokusho kwabezimo eziphuthumayo bakwa-ER24, ngesikhathi befika endaweni yesigameko bafice iloli elikhulu libhajwe estamkokweni, izitini ebelikade lizithwele bezisaphazeke phansi lapho kwenzeke khona ingozi.
Okhulumela abakwa-ER24 uMnuz Russell Meiring uthe: “Ngesikhathi sihlola endaweni yesehlo sithole ukuthi kukhona abantu abambalwa abalimele kulesi sigameko akade besakazeke ezindaweni ezehlukene. Sibe sesibahlola sathola ukuthi ababili balimele kanzima futhi abakhombisi ukuthi basaphila.”
Uthe akukho abebesengakwenzela laba ababili njengoba bethole ukuthi bese bevele beshonile.
“Kulaba abathathu, oyedwa ubesesimeni esibucayi kanti abanye ababili bebelimele okungatheni. Abebelimele balashwe endaweni yesehlo base bephuthunyiswa esibhedlela ukuze bathole olunye usizo lwezempilo.”